KUPHOQELEKILE ukuthi liguqiswe icala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa. Liguqiswe ngemva kokugula kommeli u-Advocate Thulani Mngomezulu. Umufi wadutshulwa wabulawa ngo-2014, ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng.
Kuthe kusaphekwa ngemibuzo umphenyi wecala uBrigadier Bongani Gininda ngoLwesine, kwezwakala uMngomezulu ethi uyagula. Ummeli ucele ukunikezwa ithuba lokuthola usizo lwezempilo. Ngaphambi kwalokho uMngomezulu ubecele ikhefu elifishane, ukuze alungise kahle amaphepha akhe abewasebenzisa ngesikhathi ephosa imibuzo.
Kuthe sekubuywa lapho, uMngomezulu wathi ucela kuhlehliswe udaba ngoba akazizwa kahle. Uthe ngesikhathi bexoxa nabanye ozakwabo kuvele ukuthi ngeke kulunge ukuqhubeka nodaba ngezinye izinsuku kodwa sekungaba wunyaka ozayo.
UMshushisi u-Advocate George Baloyi, uthe baluxoxile udaba kodwa kwacaca ukuthi akukho abangakwenza. Uthe abahlela izinsuku zokuhlala kwecala enkantolo nabo bathe kulungile kubuywe ngonyaka ozayo.
IJaji uRatha Makgoatlheng libuze ukuthi lokhu bakuxoxile yini nephini likamengameli wamajaji. Ijaji lixolisile kufakazi uBrigadier Gininda, lathi akukho ebelingakwenza ngalokhu okuvelayo.
Kugcine kuvunyelwene ngokuthi icala libuyele enkantolo ngoJanuwari 22 wonyaka ozayo.