BUZOLWELA ubumbano nenqubekela-phambili eqenjini, ubuholi obusha be-NFP obukhethwe engqungqutheleni kazwelonke ebibanjelwe eThekwini, ngempelasonto.
Lokhu kushiwo okhethwe kwesikaMengameli kuleli qembu, uMnuz Irvin Barnes, engxoxweni yakhe neSolezwe, izolo. UBarnes uqumbe phansi abebanga naye uNkk Zandile Myeni ngamavoti angu-18, njengoba izithunywa ezingu-208 zimqokele kulesi sikhundla.
“Ngizizwa ngithobeke kakhulu ukungena ezicathulweni zowumsunguli waleli, uNkk Zanele KaMagwaza Msibi, ongasekho. Izithunywa ezisethembe ngokuyisa phambili iqembu, zisinike umyalelo wokuthi sidale ubumbano, sinxenxe amalungu asebuholini baphambilini - abengekho kule ngqungquthela - ekutheni sibuyisane ukuze sikwazi ukuliyisa phambili. Izithunywa zithe kumele sidale ukuthula, silwe nesihlava esifaka ehlazweni sokugijima izinkantolo,” usho kanje.
Uthe bazophinde belwele ukulungisa isimo ne- Independent Electoral Commission ikwazi ukubabuyisela ohlwini lwamaqembu angenele ukhetho.
Abanye abaqokwe nguMnuz Milton Sokhela okhethwe ngo- elethu kwesePhini likaMengameli, uMnuz Sibusiso Mkhabela kwesikaSihlalo, uMnuz Rodney Hlatshwayo kwesePhini likaSihlalo, uMnuz Teddy Thwala kwesikaNobhala-Jikelele noNksz Sithembile Msomi kwesephini lakhe.
Bekuyingqungquthela yesibili yokukhetha ubuholi baleli qembu elisungulwe ngo-2011 nguKaMagwaza Msibi owayesuka kwi-IFP. Yize kunjalo, ubuholi obuqokwe kweyango-2019, obusafake isicelo sokuthi kubuyekezwe ukuhlakazwa kwabo njengoba inkantolo yayinqume kanjalo phambili emva kwezikhalo zokuthi akuhanjiswanga ngesikhathi buqokwa, uyaphikisana nale ngqungqutthela.
Lobu buholi buveza ukuthi buzokuphonsela inselelo ukuhlala kwale ngqungquthela. Kubona kukhona uMnuz Canaan Mdletshe, kanti buthi njengoba inkantolo ibavumelile ngenyanga edlule ukuthi bangasifaka isicelo sokubuyekezwa kokuhlakazwa kwabo, ngakho ubuholi babo busamile kuze kuphume isinqumo.