UPHIKO loKlebe oluphenya amacala ahleliwe, lunxusa umphakathi usize ngolwazi kutholakale abasolwa ababili abasolwa ngokweba imali elinganiselwa kuR1.2million.
USimphiwe Sangweni oneminyaka engu-29 ubudala kuthiwa wayesebenza njengomabhalane emayini yaseBarberton nophathina wakhe uLadyPeace Sinothando Nhlenyama (26), bafunwa woKlebe baseNelspruit ngamacala enkohlakalo nokushushumbisa imali.
Kuthiwa ngoJuni 2020 uSangweni weba imali yale mayini wayifaka kwi-akhawunti yakhe, enye eyithumela kwi-akhawunti kaNhlenyama.
Le mayini yavula icala lokweba ngayo leyo nyanga, ladluliselwa ophikweni loKlebe.
“Uphenyo luveza ukuthi uSangweni wayebambisene nabanye ozakwabo okungumsizi wezezimali nomqoqi wezikweletu. Laba basebenzi baboshwa kodwa amacala abo abuye ahoxiswa kusathungathwa lezi zithandani,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Inhloko yesiFundazwe Yophiko Lokuphenya Ngobugebengu Obuphambili, uMajor General Zodwa Mokoena, unxusa umphakathi ulekelele ngolwazi oluzosiza kutholakale laba basolwa.
Onolwazi angaxhumana noCapt Dietlof Meyer ophenya leli cala ku-071 481 2977 noma abike esiteshini samaphoyisa esiseduze.