AMAPHOYISA aseLimpopo aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ababili abavulele ngenhlamvu erenki kubuka abantu.
Lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo, ntambama ngo-3.55, erenki elisedolobheni lasePolokwane.
Kuthiwa kubonakale abasolwa ababili abebengabufihlanga nobuso bevulela ngenhlamvu bebhekise kowesilisa ongusomatekisi.
Umufi uMnuz Bernad Kgabo Phihlela (50) oyilungu leSeshego Polokwane Taxi Association (SPTA), ubeserenki ngesikhathi ehlaselwa, waphangalala khona endaweni yesigameko.
Umbiko wamaphoyisa uthi abasolwa babaleke ngezinyawo ngemuva kwalesi senzo sabo.
Kuthiwa akekho omunye umuntu olimalile kulesi sigameko ngaphandle kukamufi.
“Amaphoyisa ophiko lomdlame lwamatekisi esifundazweni liphenya icala lokubulala,” kusho u okhulumela amaphoyisa aseLimpopo.
Umkhuzi wamaphoyisa kulesi sifundazwe, uLieutenant General Thembi Hadebe, uyalele leli thimba ukuba libafune libathole abenze leli senzo.
Amaphoyisa anxusa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungaba wusizo kuboshwe abasolwa. Uma kukhona onolwazi, angaxhumana noColonel Kgadiswana Mnisi ku-082 565 8601.