INKANTOLO ikhiphe incwadi egunyaza ukuthi kuboshwe isoka likanesi okusolakala ukuthi lamnquma uqhoqhoqho emqashweni ayehlala kuwona eMzingwenya, eSikhaleni.
Kuthiwa uMnuz Phumlani Mthembu (41) wabulala uNksz Nokubonga Nomkhosi Zungu (35) ngoSepthemba 8 wabe eseyabaleka.
Amaphoyisa athi uMthembu waqeda ukubulala wase eshayela ucingo udadewabo emazisa ukuthi usebulele intombi yakhe (uNokubonga)i futhi uselibangise ePort Dunford naye useyozibulala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa alunywa indlebe ngalesi sehlakalo ase enikela emqashweni ngokushesha.
“Afika azithela phezu kwesidumbu sikaNokubonga embhedenei sinqunywe uqhoqhoqho. Kwakubekwe nommese eduze kwekhanda lakhe,” kusho uLt Col Gwala.
Udalule ukuthi kwabe sekuvulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eSikhaleni.
Uveze ukuthi kusukela ngelanga lesehlakalo uMthembu ugcwele amathafa akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo nenkantolo isize yakhipha incwadi egunyaza ukuthi aboshwe.
Amaphoyisa anxenxa noma ngabe ubani ongaba nolwazi olungalekelela ekutheni aboshwe uMthembu ukuthi axhumane nomphenyi wecala umseshi, uSergeant Sifiso Sabela enombolweni yocingo ethi: 082 557 0712 noma kwethi: 035 796 8027.
ULt Col Gwala uthe abanolwazi bangalubika nasenombolweni yakwaCrime Stop ethi: 08600 10111 noma kwi-app, i-MySAPS App.
Unina kamufi, uNkk Fikile Zungu uMaNtuli, waKwaMgwaza, eMelomth uthe usadidekile ungathi usephusheni usazovuka.
Uthe kunzima ukulala ebusuku ngenxa yesihluku okwabulawa ngaso ingane yakhe.
“UNokubonga ubengakaze asitshele ukuthi unesoka lapho ayehlala khona. Namanje asazi wabulawelani ngakho kumele silekelelwe ukuze itholakale le ndoda (Mthembu) khona izosichazela isizathu sokubulala ingane yami kanje,” kubalisa uNkk Zungu.
UNkk Zungu udalule ukuthi umufi ubeyinesi esibhedlela saseRichards Bay kusuka ngo-2013.
Uveze ukuthi umufi ungcwatshwe ngoSepthemba 17, ushiye emhlabeni abantwana abathathu okungabafana ababili nentombazane abaneminyaka ephakathi kuka-17 no-11.
Uchaze umufi ngomuntu obezilungele, obungeke umthole esezinxuxhunxushwini futhi engumagcino ebantwaneni bakwabo okungabafana abane.