SISHUBILE isimo phakathi komholi we-DA uMnuz John Steenhuisen noMengameli Cyril Ramaphosa ngezinhlelo zokusayinwa koMthethosivivinywa wezikole iBela Bill ibe ngumthetho.
USteenhuisen usabise ngokuthi aluzobakhona uzinzo kuhulumeni wokubambisana uma uRamaphosa eqhubeka nalo mcimbi wasesidlangaleni, wokusayina ozoba seziNdlini zoMbuso ePitoli kusasa.
URamaphosa ushaya phansi ngonyawo akajiki ekutheni uyaqhubeka nokusayina kanti uthe ubevele elindele ukuthi kuzoba nemvunge.
Uxwayise ngokuthi akumele uma kukhona ukungavumelani, bese abaholi bamaqembu abambisene kuhulumeni, basabise ngokuthi aluzobakhona uzinzo.
USteenhuisen uthe ufuna ukuhlangana noRamaphosa ukuze amnxenxe ukuthi angasayini.
“Uma eqhubeka nokusayina uzobe ephula umongo wokusebenzisana kuhulumeni wokubambisana. Ngesikhathi kubhungwa eyokubumba uhulumeni, samtshela kwezikabhoqo ukuthi asiwamukeli lo mthetho ngendlela oyiyo okwamanje, sathi akawubuyisele ePhalamende ukuze kwenziwe izichibiyelo,” kusho uSteenhuisen.
Uthe uzohambisa izichibiyelo abafuna zenziwe kulo mthethosivivinywa ngoba uRamaphosa unawo amandla okuwubuyisela ePhalamende.
“Uma enqaba uzobe ebeka engcupheni eyokusebenzisana kuhulumeni. I-ANC iyazi ukuthi akumele ithathe izinqumo ngayodwana.”
Okhulumela uRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, esithangamini nabezindaba izolo eKapa, uthe umengameli uyaqhubeka nokusayina umthetho.
Uthe okumkhathazayo umengameli abaholi abakuhulumeni wokubambisana, abasabisa ngoqhekeko uma kukhona abangahambisani nakho.
“Umengameli akakhathazekile ngokuthi uzohlukana phakathi uhulumeni wokubambisana. Kuyakhathaza kodwa ukuthi lokhu kusabisa akubhekile kuphela kumengameli wezwe, kodwa nakubantu bakuleli. Uhulumeni awubunjelwanga iqembu elithile, kodwa ubunjelwe abantu bakuleli.”
Uthe umengameli akawusayini kuphela umthetho uma kungukuthi awuhambisani noMthethosisekelo, hhayi ngezizathu zepolitiki.
“Lo mthetho udlule kuzona zonke izigaba okubalwa nePhalamende yingakho ezowusayina. Asikho isidingo sokuthi umengameli avumelane nabaholi bamaqembu ngaphambi kokusayina umthetho,” kusho uMagwenya.
Uthe kuzoba nezinhlelo zokuzama ukuxazulula ukungaboni ngaso linye kuhulumeni wokubambisana.
“Amaqembu ayakwazi ukuthi ePhalamende afune kube nezichibiyelo emthethweni. Nakulokhu azokwazi ukufaka izichibiyelo uma ususayiniwe.”
Uthe umengameli ukulindele ukuthi kusazobakhona ukungaboni ngaso linye kubaholi kuze kuphele ihlandla likahulumeni wokubambisana.
Neqembu i-ActionSA lisabise ngokulandela umgudu wezomthetho uma uRamaphosa esayina umthetho.
NoNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, wanxusa uRamaphosa ukuthi angawusayini umthetho ngoba kukhona ezinye izinto angeneme ngazo.
Okuqukethwe yilo mthetho wukuthi uGrade R uzoba yimpoqo, amanye amandla okubalwa ulimi lokufunda ezikoleni kanjalo nokugcwala kwesikole, kubekwe enhlokweni yomnyango kuleso sifundazwe.
Abazali bazobekwa amacala uma kungukuthi banqabela izingane zabo ukuthi ziye esikoleni.