NAMHLANJE usuku olukhulu eThekwini, njengoba kunesigcawu samadoda Amatyma, esihlelelwe ePlatinum Belt Lounge, eMhlanga.
Inhloso yomcimbi osungulwe ngusomabhizinisi uTT Mbha, ukucobelelana ngolwazi ngezinto ezithinta impilo yamadoda. Kubalwa ukwakhiwa kwekhaya, ukunakekela umndeni, ukuzinakekela wena uqobo, ezezimali, umthetho, imfashini nokunye okuningi.
UMhleli weSolezwe, uMnuz Thulani Mbatha, nosaziwayo okubalwa u-Adbul Khoza, uNhlanhla Lux, uMzwandile Ngubeni, uSiphesihle Vazi, u-Eric Macheru, uSimphiwe Majola noWilliam Lehong, bazobe beyizikhulumi emcimbini wamadoda.
Kunezinkampani eziningi ezeseka umbono wokwakha isizwe okubalwa iClicks Bronation, iProudly South African, iBrand South Africa, iTT Mbha Financial Services, iStandard Bank, iThe Star, Isolezwe, iSoweto TV, iHouse of Decorum neSuavity Collection.
IProudly South African isikhondlakhondla esengamele imikhiqizo yaseNingizimu Afrika, esiqinisekisa ukuthi lonke uhlobo lwemibono namabhizinisi akuleli ayesekwa emphakathini ehlukene.
Imenenja yezokuxhumana kwaProudly South African, uDambisa Maqoga ithe kuwumsebenzi wabo ukufukula nokusebenza ngokubambisana nezinkampani zakuleli ezenza okuthinta impilo yabantu baseNingizimu Afrika.
"Amatyma yinkundla ebalulekile nefanele yokucobelelana ngolwazi kubathengi ngemikhiqizo yakuleli ukuze bathathe izinqumo ezifanele ngokweseka imikhiqizo yakuleli. Kungasunguleka amathuba omsebenzi, kwehlisa umthwalo kwababhekelele amakhaya, nasemphakathi kuthuthuke umnotho," kuchaza uMaqoga.
Abazohambela umcimbi kulindeleke ukuthi bagqoke amasudi namateku.
Ophuthelwe yilo oseThekwini, usenalo ithuba lokujoyina ozoba eGoli, ngoNovemba 19, eDisoufeng Meadowlands, eSoweto.
Amathikithi ayadayisa kanti elaseThekwini libiza uR500, kuthi elomcimbi waseGoli libe wuR400 ngalinye, ukuthola kabanzi ngeminye imininingwane ungashayela ku-078 771 1156.