KUBIKWA ukuthi bangu-12 abantu abashonile kwalimala kabi abangu-45 engozini yebhasi eyenzeke kuR21 eKurhuleni. Kuthiwa leli bhasi belisusa eVosloorus naseKatlehong libheke eKempton Park ngesikhathi liginqika izikhathi ezimbalwa ngasejikeni lasesikhumulweni sezindiza i--OR Tambo.
Njengamanje ochwepheshe abaphenya ngezingozi bayaqhubeka nomsebenzi wokuhlolisisa ibhasi nendawo yesehlo ngaphambi kokuba kudedelwe ulwazi ngembangela yale ngozi.
Kwabashonile, kukhona abasilisa abayisishiyagalolunye nabesifazane abathathu. Abalimele okubalwa kubo nomshayeli webhasi baphuthunyiswe ezibhedlela i-Edenvale neThembisa.
Umphathiswa wezemigwaqo nezokuthutha u-Andile Mngwevu ofike mathupha endaweni yesehlo ngemuva kokuthola umbiko uthi bashaqekile ngabakubonile kule ndawo.
"Awekho amazwi okuchaza ubuhlungu ngenxa yalesi simo. Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekweni sifisela abalimele ukululama okusheshayo," kusho yena.