INKANTOLO ivule ngombiko wemizila yezimoto zamaphoyisa ezazithubeleza kuyona ngo-2020, ngesikhathi kuphenywa abasolwa ngokubulala uSenzo Meyiwa. UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ngo-2014, ekubo kwentombi yakhe eVosloorus, eGauteng.
Udaba lwemizila yezimoto lubangwa ngenxa yokuthi ummangalewa wesibili uMnuz Bongani Ntanzi, uthi abaphenyi babehambe bema naye izitobhi, bemshaya bemvumisa icala. UNtanzi uthi abaphenyi babevele bame esigangeni bamfake ishubhu bethi akasayine izitatimende zokuvuma icala.
Ubagagula ngamagama abaphenyi athi babenza lokhu nokwaholela ekutheni agcine esayina evuma into angayazi ngoba esaba ukuhlukunyezwa.
UMshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi, uthe eqala nje wathinta udaba lwezimoto. UBaloyi uthe imibiko yonke bayayithola kodwa ufakazi ozochaza kabanzi ngokuhamba kwezimoto uzofika kusasa azolandisa inkantolo.
UMbuso izolo ubuye wabiza ufakazi oyiphoyisa osethimbeni labaphenyi uSergeant Bathobakae Mogkola, olandise ngokuboshwa kommangalelwa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya.
USergeant Mogkola uthe nguyena owabopha uSibiya futhi wamthola nezinhlamvu zesibhamu, umagazini nothi lokudlokodla isibhamu, uma usihlanza. Uthe uSibiya wakhuluma konke ngokufa kukaMeyiwa, nokuthinteka kwakhe waze wabakhomba nasehostela laseVosloorus.
Icala liguqe kusafakaza umphenyi kwase kuvunyelwana ngokuthi lizobuyela namuhla bese kuqhutshekwa nobufakazi bakhe.