UKUSHINTSHA kwesimo sezulu esigadla ngemvula enamandla, isiphepho nomlilo wequbula, kuholele ekutheni ongqongqoshe baKwaZulu-Natal, bahambele imiphakathi ukuze bawuqwashise ngamasu angagcina abantu bephephelile.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, nezoMdabu, uNkk Bongi Sithole Moloi, noNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uMnuz Super Zuma, namhlanje bafike eMolweni, bahlinzeka abantu ngezikhonkwane zezulu ukuvikela abantu bakule ndawo. Baqwashise imiphakathi ngezinhlekelele ezahlukene.
UNkk Sithole-Moloi uthe ukuguquka kwesimo sezulu kwenze basheshe basukume ukuqinisekisa ukuthi noma zenzeka izinhlekelele ngokwemvelo kodwa bavikeleke abantu ngolwazi abahlinzekwe ngalo.
"Kuzofakwa abafana bezulu abawu-50 kule ndawo yaseMolweni. Okuhle ngalezi zikhonkwane wukuthi akusho ukuthi uma singekho kwakho egcekeni awuvikelekile. Sikwazi ukukuvikela nomakhelwane balapho sifakwe khona ngokwebanga elisithathayo. Yinto enhle lena ukuze kuhlomule abantu abaningi," kusho uNkk Sithole-Moloi.
Ukuhamba kwamanzi nokungakhi eduze kwemisele ngezinye zezinto okuqwashiswe ngazo.
"Sibonga ukuthi ibe khona imvula kodwa abekho abantu abashonile. Inhlekelele ibe khona, kukhona imizi egcwale amanzi nezimoto zaba nenkinga emigwaqweni," kuchaza uNkk Sithole-Moloi.
Umphakathi uhlomule ngezinsiza kusebenza zokulima, amathangi amanzi amakhulu, ucingo lokubiya nezitshalo namagilosa okudla kulaba abangenelwe amanzi emakhaya.
UZuma unxuse umphakathi ukuthi usebenze ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi izinsiza ziba usizo emiphakathini. Kule ndawo uhulumeni umatasa nezinhlelo zokwakhela abafuyi idiphi elisezingeni eliphezulu. Ekuseni angqongqoshe baqale bahlanza enye ipaki ukukhuthaza inhlanzeko emphakathini.