KUCHITHEKE isisu kowesifazane othi ubelamula impi phakathi kukaninalume owayesho ukuqeda ngonina nomfowabo ngenduku yegalofu.
Lo wesifazane (32) wasoSindisweni eNdwedwe, uthi ngobusuku bangoJanuwari 21 uninalume washaya umfowabo (19) emsola ngokuthi akazivikelanga izingane ezazishaywa ngoba zihamba ebusuku.
Yiwona lo msindo lo wesifazane athi wabakhipha endlini nonina beyozama ukulamula lapho uninalume owayesho ukumqeda umfowabo ngenduku yegalofu.
“Umalume wadonsa induku yegalofu washaya ubhuti wami walimala umlomo. Umama uthe ethi akehlise umoya kukhulunywe, wamshaya ngempama wadonsa induku yegalofu ethi umshaya ngayo.
“Ngazama ukulamula. Sesiyibanga induku, wangikhahlela ngamadolo esiswini ngawa phansi nenduku yegalofu,” kulandisa owesiifazane.
Uthi babe sebecela usizo komakhelwane bayobika esiteshini samaphoyisa nokuyilapho wayezwa khona izinhlungu. Uthi ngakusasa ekuseni wopha waze waba nesiyezi.
“NgoMsombuluko ngazama ukuvukela etohweni kodwa kwafike kwangiqinisa ngaze ngaye esibhedlela, udokotela wathi kuphuphuma isisu ingane ngeke isasinda,” kubalisa lo wesifazane.
Unina walo wesifazane uthe kuyimanje ugcwele amathafa ufuna indawo yokuhlala ngoba umfowabo usethumele umyalezo wokuthi akahambe.
“Selokhu aqala ukungishaya sikhula ngaze ngaba nezingane elokhu engishaya njengoba namanje esakwenza. Anginayo indawo yokuhlala ngoba bekusekhaya lethu sonke. Ngiyafisa sisizakale njengoba sesibikele namaphoyisa,” kubalisa unina wowesifazane ophuphunyelwe yisisu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokushaya elivuliwe.
“Amaphoyisa esiteshi saseNdwedwe aphenya icala lokushaya emuva kokuthi owesifazane kusolwa ukuthi ushaywe wumsolwa amaziyo ngoJanuwari 21 Ogunjini. Lolu daba lusaphenywa,” kusho uLt-Col Gwala.
Induna yendawo uMnuz Thula Ngcobo uveze ukuthi akhona amalungu omndeni afika ezobika lolu daba.
“Ngicele ukuthi bahlele bewumndeni bese befika bonke abathintekayo silukhulume udaba. Ngeke sikhulume nohlangathi olulodwa. Ukuze kuxazululwe kumele baphelele,” kusho uNgcobo.
Uninalume osolwayo eziphendulela, uthe lezi zinsolo ezibhekiswe kuye kazilona iqiniso. Uthe lo othi umshaye wachithekelwa yisisu, usenga ezimithiyo.
“Icala lisenduneni, ngilinde ukuthi siyohlangana kucace ukuthi wubani onamanga. Angixoshanga muntu mina futhi kangisona lesi silwane abasichazayo. Udadewethu uwumuntu onamanga vele, nalezi zingane zakhe wazithola ngokukhuleliswa ngabayeni badadewabo ... uyithini-ke into enjalo?’’ kubuza osolwa ngokushaya.