UHLALELE ovalweni umndeni wowesilisa obeyisishabasheki esilwela intuthuko emphakathini wangakubo eGroutville, KwaDukuza. Kuthiwa udutshulwe ngoyaba lezinhlamvu washona.
UMnuz Mesuli Khuzwayo (29), udutshulwe ngoLwesihlanu ntambama, esemotweni yakhe iVW Polo eluhlaza okwesibhakabhaka, epake emgwaqweni uR102 eNtshawini.
Umndeni nabantu abebesondelene noKhuzwayo, bakholelwa wukuthi ukufa kwakhe kuhlobene nengxabano equbuke ngoMsombuluko odlule.
Kuthiwa uKhuzwayo, obebuye abe ngusomabhizinisi osathuthuka, ubefuna uqhubeke umsebenzi okuthiwa umisiwe wokufakwa kwezinciphisajubane emgwaqweni uR102, odume ngezingozi kule ndawo.
Kusolakala ukuthi umsindo uqubuke ngesikhathi ikhansela lendawo limisa ukusebenza ngoba lithi abasebenzi boMnyango wezokuThutha, abalazisanga ngohlelo futhi alibazi abantu abasebenzayo.
Ababekhona kwenzeka isehlakalo bathi kwagcina sekujikijelwana ngamazwi, kwakhona abasongela uKhuzwayo ukuthi ngeke kugcine yena.
Isihlobo sikaKhuzwayo, esicele kugodlwe igama laso ukuze sizivikele, sithe bewumndeni bakholwa wukuthi uKhuzwayo ubevalwa umlomo abantu abebemsongela.
“Wasitshela ekhaya ukuthi kukhona obekade emsongela kuxatshwana. Ukufa kwakhe yinto abekade eseyizwa nasegazini ngoba ngosuku olwandulela abulawe ngalo ucele umnikazi wamakhaza ukuthi angamlahli,” kusho isihlobo.
Ikhansela lendawo uMnuz Thubelihle Dube, lizihlangulile ekutheni yilona elimise umsebenzi womnyango. Lathi akuyona ingxabano yenhlangano yosomabhizinisi edale udungunyane endaweni.
UDube uthe uhlelo lunezinkinga kepha isigaba sokuqala sesiphothulliwe ngakho uma seluqhubeka kuzoqashwa kabusha abantu abazosebenza.
“Njengamanje akusetshenzwa ngoba kulindwe izimpawu zomgwaqo ezikhombisa ukuthi kuyasetshenzwa ezisa-odiwe, kuzothi uma sezifikile bese uyaqhubeka umsebenzi,” kuchaza uDube.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aKwaDukuza, aphenya icala lokubulala.