KUKHALWA ngamaqembu emigulukudu okuthiwa ayabhubhisa ngobugebengu futhi ahlalise lubhojozi umphakathi wasehostela laKwaMashu.
Esehlakalweni esenzeke entathakusa ngoMgqibelo, kudutshulwe kwabulawa amadoda amabili, enye engumdayisi wenyama ithumbu nenye engowomdabu waseNdiya eyisakhamuzi sakuleli.
Kuthiwa umufi ungumdayisi wethumbu odumile emgwaqweni uSivumelwano ehostela lapho kwenzeke khona isigameko.
Umthombo weSolezwe ulandise wathi abafi bebekade behlezi kule ndawo ebuye idayise utshwala isinyenyela kanti bazothelekelwa ngabantu abangaziwa behlome ngezibhamu.
Laba bantu kuthiwa bafike baphanga abagilwa amaselula nokunye base bedubula bebulala umdayisi.
“Kuthiwa ngesikhathi sebephuma behamba abahlaseli, babone owesilisa oyiNdiya base bejika bebuyela emuva. Kuthiwa kube khona kula madoda obuzile wathi: ”Simshiyelani lona?’’ Wagcina edutshulwa eshona nowesilisa oyiNdiya,” kuchaza umthombo.
Owesilisa oyiNdiya kuthiwa ubekade efike kule ndawo nendoda engaziwa ukuthi ingeyakuphi bezoziphuzela utshwala. Indoda efike nomufi kuthiwa yona idle phansi kwasala ijakhethi yayo ngesikhathi behlaselwa.
Ekuqaleni kukaNovemba, kutholakale izidumbu ezimbili zamaNdiya ziboshwe izandla zinamanxeba amaningi okudutshulwa emzimbeni emijondolo eseQhakaza kuleli hostela.
Amaphoyisa athi izidumbu zalaba ababili iminyaka yabo engu-20 no-30, zazilahlwe eceleni komgwaqo. Kuvela ukuthi imoto, isibhamu namaselula abagilwa kwathathwa njengoba kuphenywa amacala okuphanga nawokubulala.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mzwethu Gwala, lithe belingakabikelwa ngesigameko sokubulala sakamuva kwazise senzeke lingekho kuleya ndawo belisemakhaya.
UGwala uthe kuyinto eyaziwayo ukuthi masonto onke kunabantu ababili nangaphezulu ababulawayo kuleli hostela okuyizehlakalo athe ziyamaniswa nobugebengu.
“Akhona amaqembu okungawemigulukudu ehostela ahlezi ehlukumeza abantu. Ngingakuqinisekisa ukuthi kukhona abantu abazikhande baba ngamaqoqo abadlala ngabanye ehostela,” kusho uGwala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa athungatha abasolwa abahlanu mayelana nalesi sigameko.
UNetshiunda uthe amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko okuyindlu ewumjondolo.
“Afike azithela phezu kwezidumbu ezimbili zabesilisa; obeneminyaka engu-36 nobena-42 ebekade zinamanxeba amaningi okudutshulwa emzimbeni. Kayaziwa imbangela yalokhu kubulala,” kusho uNetshiunda.