KUBULAWE ngokudutshulwa abantu abahlanu ezehlakalweni ezimbili zokudubula ezenzeke oThongathi, izolo.
Akucaci ukuthi izigameko zihlobene yini. Esigamekweni esenzeke eFairbreeze kudutshulwe abantu abathathu abehamba ngeFord Ranger, okuthiwa bangonogada baserenki abebehamba nosomatekisi.
Kuvela ukuthi abatholwe kule moto bebephethe izibhamu ezinkulu. Kutholwe imibiko engaqinisekisiwe eveza ukuthi bebengonogada.
Esigamekweni esenzeke edolobheni oThongathi kudutshulwe abantu ababili bashona, kwalimala oyedwa.
Abezimo eziphuthumayo beReaction Unit South Africa (Rusa), bathi bashayelwe ucingo wumphakathi mayelana nezehlakalo ezimbili zokudubula, ezenzeke ngokulandelana kuleli dolobha.
Isitatimendeni sabezindaba esithunyelwe ngabeRusa, sithi esigamekweni lapho kushone khona ababili ababulelwe bebehamba ngeVW Polo emhlophe, kuyo kubulawe amadoda amabili, owesifazane abebehamba naye ulimale ekhanda.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aphenya amacala amahlanu okubulala namathathu okuzama ukubulala.
Uveze ukuthi imoto esolwa ngokudubula esigamekweni okushone kuso ababili ibuye yabonwa esigamekweni sesibili ebesisebangeni elingamakhilomitha ambalwa ukusuka kwesokuqala. Uthe kulesi okudutshulwe kuso abathathu kuthiwa kudutshulwe onogada ababeqaphe usomatekisi. Usomatekisi okuthiwa ubelandela onogada ngenye imoto kuthiwa ukwazile ukubaleka kodwa abasolwa bamlandela. Usomatekisi ulimele waphuthunyiswa esibhedlela.
" Okwamanje bekungakaboshwa muntu, imbangela yokubulala ayikaziwa kodwa udlame oluhlobene namatekisi ngeke silukhiphele ngaphandle," kusho uNetshiunda