UKHUNGATHEKILE umndeni wephoyisa elaba ngelokuqala ukufika endaweni yesigameko okwabulawa kuso lowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, kudutshulwa kubulawa umfelokazi walo.
Umfelokazi kaGeneral Philani Ndlovu ongasekho, uNkk Nonhlanhla Ndlovu, udutshulwe wabulawa ngoyaba lwezinhlamvu esanda kuphuma enxanxatheleni yezitolo esemotweni yakhe ngeSonto, eVosloorus.
UNdlovu, owafika kuqala endaweni yesigameko okwabulawa kuyona uMeyiwa, ushone nyakenye sekusele izinsuku kuqale ukuqulwa kwecala likaMeyiwa kanti kwavela izinsolo ezehlukene ngokushona kwakhe, kukhona nababesola ukuthi udliswe ushevu.
UMnuz Njabulo Ndlovu, ongumfowabo kaNdlovu, uthe basadidekile ngembangela yokubulawa kukankosikazi kamnewabo.
Uqhube wathi ubengasahlali eGoli, esezinze emzini wabo oseShowe.
“Ubeyolungisa okuthile. Kwenzeka lesi sigameko nje, ubenamaviki amathathu eseGoli. Sididekile ukuthi ubulawelwani. Ubengakaze aveze lutho ukuthi kukhona akusolayo,’’ kusho uNdlovu.
UNdlovu ubekhuluma neSolezwe esalibangise eGoli esazothola imininingwane egcwele ngokwenzekile. Ucele ukubuye athintwe kodwa esethintwa ubengasalubambi ucingo.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli, uLieutenant Colonel Mavela Masondo, usiqinisekisile isigameko.
Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala. Uthe kubikwa ukuthi umufi ubeshayela imoto yakhe eVosloorus ngeSonto emini ngesikhathi edutshulwa abasolwa abebeshayela imoto efike yaqondana neyakhe.
Uthe isizathu sokubulawa kwakhe besingakaziwa.
Okhulumela imindeni yabamangalelwa abaphambi kwenkantolo njengamanje ecaleni likaMeyiwa, uNksz Sinqobile Maphisa, uthe kushayisa amakhala ukubulawa kukaNkk Ndlovu.
Uthe nagesikhathi kubulawa uNdlovu nakhona babebona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba kwase kusele izinsuku ezintathu ngaphambi kokuba azofakaza enkantolo.
“UNdlovu kwase kusele kancane ukuba azofakaza enkantolo. Kuningi esasizokuthola ngaye ngoba ungelinye lamaphoyisa elafika kuqala endaweni yesigameko,’’ usho kanjena.
Uthe njengoba sekubulewe umkakhe kuyasolisa ukuthi kukhona ulwazi abenalo okungenzeka ukuthi waluthola ngomyeni wakhe.
Ulimise ngesihloko elokuthi kungenzeka ukuthi ukubulawa kukaNkk Ndlovu kusaqhutshekwa nemizamo yokucisha ubufakazi ngecala likaMeyiwa.
Uchaze uNdlovu njengephoyisa elalingancethezi futhi elalizimisele ngokubikela inkantolo ngakho konke elakufica endaweni yesigameko.
Uthe akangabazi-ke ukuthi kukhona umkakhe abekwazi okuholele ekutheni naye bamsoconge.
Uthe bayazi nokuthi uNkk Ndlovu wathola ukuthi kukhona isandla semfene ngokubulawa kukamyeni wakhe, wathi kungenzeka ukuthi kuthe esekutholile lokho waqala wenza imizamo yokuthola iqiniso ngokubulawa kwakhe.
UNksz Maphisa uveze ukuthi kuyabakhathaza ukubulawa kofakazi athe abachazwa njengabasuke bethembekile ekuqulweni kwecala likaMeyiwa, wathi abafana bakwaNcatshe ababezofakaza; oyedwa wadutshulwa kanti omunye waduka namanje uthe akwaziwa ukuthi washonaphi.
Amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi olungawalekelele ophenyweni ngokubulawa kukaNkk Ndlovu ukuthi athinte amaphoyisa aseduzo noma inombolo yokubika izigameko zobugebengu u-08600 10111.