IMIGULUKUDU emithathu ethelwe othulini ngamaphoyisa ngoLwesine eShowe, yiyo ‘eyashisa’ amatekisi kaMnuz Vikizitha Biyela, ongumfowabo womsakazi woKhozi FM, uZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela.
Lokhu kuqinisekiswe nguBiyela ngesikhathi ethintwa yiSolezwe Ngempelasonto.
UBiyela uthe kulaba abathathu ababulewe, kukhona ababili abashisa amatekisi akhe ngasekupheleni konyaka odlule.
“Yibona impela abangishisela amatekisi ami,” kusho uBiyela.
Echaza ngokuqala kwempi, uthe abafi abayingxenye yeqeqebana elimhlaselayo, baqala ngokufaka i-chemical ethize ematekisini akhe amane emakhaya abashayeli bakhe.
Uthe lokhu kwaphinde kwenziwa nakwamanye amatekisi amabili ngomunye uzakwabo osembonini.
Uthe emva kokuthola izingcingo kubashayeli abahlukene bekhala ngokuthi amatekisi avele ajame uma bewadumisa, babayalela ukuthi bawase komakhenikha, abafike bahlonza uhlobo oluthile lwe-chemical abathi ithelwe ezinjinini.
“Emva kwalokho, ngabayalela abashayeli ukuthi baziqaphe izimoto, nokuyilapho ezaqala ukushiswa khona, zishiswa emakhaya abo abashayeli, enye yashiswa iyokhandwa, amanye ashiswa emgwaqweni,” kusho uBiyela,
Uthe laba ababulawe ngamaphoyisa ngoLwesine, yilabo ababezishisa emgwaqweni izimoto zakhe.
“Ezigamekweni ezimbili ezehlukene, babonakala ngoba kwakusemini, yikho ngithi ibona ngoba bayaziwa, babonwa,” kulandisa uBiyela.
Uqhube wathi okwakwenza zigcine sezihlaselwa emini izimoto zakhe ukuthi wayesebadonse ngendlebe abashayeli ukuthi basheshe bayolala kusakhanya ngenxa yokwanda kwezigameko zokuhlaselwa.
“Esigamekweni sakamuva nje, kwahlaselwa enye imoto yami eyayiqashwe ukuhambisa abantu ababeye emcimbini we-ANC eThekwini.
“Umshayeli wayeqeda ukubachitha bonke abantu, wathikamezwa yiQuantum elalingenazo izinombolo, balishisa itekisi ayehamba ngalo.
“Ngokwabo babethi balishisa naye phakathi kanti ababonanga ukuthi ukwazile ukuphulukundlela, abaleke,” kuchaza uBiyela.
Echaza ngomsuka wempi, uthi waqala ukuba nyamanambana ngesikhathi ekhuza leli qeqebana ukuthi aliyeke ukuntshontsha izimoto, okukhona kuzo nezikahulumeni, lizihlakaze bese lidayisa izingxenye zazo.
Uveze ukuthi ngokwakhe ngabe kungcono ukuthi amaphoyisa ababophile abafi, angababulali ukuze bachaze enkantolo ukuthi bazishiselani izimoto zakhe.
Uqhube wathi kulaba abasele njengoba eveze ukuthi bayiqembu, ufisa baboshwe bangabulawa.
Esitatimendeni esithunyelwe amaphoyisa KwaZulu-Natal kwabezindaba, abafi bashone emva kokudubulana namaphoyisa eShowe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa abadubule emva kokuthi ezame ukubamisa, bangama, kunalokho bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwona.
“Amaphoyisa abethole umkhondo wabasolwa abahlome ngezibhamu besendleleni yokuyosoconga.
“Azamile ukubavimba ngaseKing Dinuzulu, babaleka. Abajahile nokuyilapho behle khona emotweni yabo, baqala badubula bebhekise emaphoyiseni,” kusho uNetshiunda.
Uthe ngesikhathi ebuyisela ngenhlamvu amaphoyisa, bafe bobathathu, nokho likhona iphoyisa elilodwa elidubulekile.
Uthe kutholwe izibhamu ezimbili, esisodwa sazo sicishwe inombolo yaso nenqwaba yezinhlamvu.
Uthe ngesikhathi kuseshwa imoto kutholwe i-hand grenade nezinye izinhlamvu zohlobo lwesibhamu esikhulu.
“Ababili babafi bahlonziwe, bayasoleka emacaleni amaningi okubulala nokuzama ukubulala embonini yamatekisi ngaphansi kwesiFunda iKing Cetshwayo,” kuphetha uNetshiunda.