USALE emabokoboko owesifazane uNksz Sinakho Cibane, othi ushawe ngumshayeli wetekisi esigamekweni esenzeke ePhoenix, eThekwini, emuva kwengxabano phakathi kwabo. UNksz Cibane, udabuka eManzimtoti, kodwa usebenzela eCornubia, eThekwini. Uthi umise itekisi ngaseCornubia, efuna ukuya edolobheni eThekwini, wathi umshayeli akagibele.
“Ithe uma isuka yangaya eThekwini, yaya ePhoenix yehla yenyuka nami nabanye abantu. Ngibuzile ukuthi kanti itekisi iyaphi nathi ngoba mina ngijahile ngifuna ukuya eThekwini. Kusuke ingxabano engibiza ngomfazi, wasuka lapho waqala wangishaya waze wathi uzohamba nami ayongibulala,’’ kusho umgilwa uNksz Cibane.
UNksz Cibane uthi umshayeli uphenduke isilwane esho ukumqeda balwa kwaze kwaphuma abantu bendawo ePhoenix. Uthi bekwala ngisho umsizi wakhe emkhuza umshayeli kodwa engezwa mshini emshaya.
UNksz Cibane uncome amaphoyisa ngomsebenzi wawo wathi afikile angachitha sikhathi ambopha umshayeli. Uthe yena usuke lapho waya emtholampilo eyothola usizo ngoba ubelimele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe ukhona umlisa abambophile ngecala lokushaya.
“Amaphoyisa asePhoenix, abophe umlisa oneminyaka engu-25 ngemva kwesigameko sokushawa kowesifazane oneminyaka engu-25. Umgilwa ulimele uze wangeniswa esibhedlela wayoxilongwa khona,’’ kusho uColonel Netshiunda.
Umshayeli bekulindeleke ukuthi avele eNkatolo yeMansthi ePhoenix, lapho bekuzoqala khona izinhlelo zakhe zokufaka isicelo sebheyili. Umgilwa uthe ufisa ukubona kwenziwa ubulungiswa futhi umshayeli aboshwe, aphucwe imvume yokuthutha umphakathi ngoba uyingozi kubantu.
Okhulumela inhlangano yamatekisi iSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sifiso Shangase, uthe bayalukhuza udlame phakathi kwabagibeli nabashayeli. Uthe akuselula ukukhuluma kakhulu ngesigameko ngoba udaba lusenkantolo.
“Kufanele sikuqonde ukuthi siyadingana nathi sidinga abagibeli ukuze kuqhubeke umsebenzi wethu. Sifisa ukugqugquzela ubuntu kubo bonke abantu ukuze kuhambe kahle konke. Sifisa nawo amalungu omphakathi angashayi ihlombe uma kuxatshanwa angenelele kwehliswe umoya kuxoxwe,’’ kweluleka uShangase.