KUHLUKENE imibono kuboshwa umfundisi kwelokubulawa komholi waBahlali baseMjondolo eKhenana, eCato Crest.
Ngesikhathi inhlangano ikushayela ihlombe ukuboshwa kwakhe, umndeni kamufi ushaya amakhala ngokwenzeka kobulungiswa kuleli cala.
UMfundisi Samson Ngubane, uboshwe ngamaphoyisa ngeledlule ngecala kokubulala uNksz Nokuthula Mabaso (40).
UNksz Mabaso wadutshulwa wafa ngoMeyi 5 emijondolo yaseKhenana lapho ayesehlale khona iminyaka.
Ngesikhathi edutshulwa wayekade ehleli namanye amalungu enhlangano kulungiselelwa ukuyoqulwa kwecala lokubulawa kuka-Ayanda Ngila ngoMashi nonyaka. Ecaleni lokubulawa kukaNgila kuthinteka indodana kamfundisi, uMnuz Khaya Ngubane, esivele ingaphakathi.
Yileli cala uNksz Mabaso okwakulindeleke ukuthi abe ngufakazi oqandula ikhanda kulo ngoba uNgila wabulawa phambi kwakhe.Umyeni kaNksz Mabaso, uMnuz Sibusiso Mhlongo, uthe akaboni ukuthi buzokwenzeka ubulungiswa kuleli cala.
“Ngoba kwakhona ukuboshwa kukamfundisi, thina sizwe sekunezinsuku eboshiwe, eseze wavela nasenkantolo ukuyobingelela imantshi. Amaphoyisa ayesithembisile ukuthi asihlale sikhululeke azosazisa ngakho konke okuqhubekayo kodwa manje sesizwa ngendaba ukuthi uboshiwe,” kusho uMhlongo.
Uthe bazobona sekwenzeka ukuthi iyozala nkomoni enkantolo.
Esitatimendeni esikhishwe yinhlangano yaBahlali baseMjondolo ngoMgqibelo, ubuholi buthe buyajabula ngokuboshwa komfundisi okukholakala ukuthi ubengungqondongqondo ekuhlaliseni lubhojozi amalungu enhlangano.
“Ukuboshwa kukaNgubane kulandela ukuthi sizame kaningi ukuthola ubulungiswa emacaleni okubulawa kwabaholi bethu ababili ababulawa esikhathini esingangezinyanga ezimbili,” kusho isitatimende.
Isitatimende sithe inhlangano iyakwamukela ukuboshwa komsolwa.Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe umsolwa uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi eThekwini ngoJulayi 26, icala lahlehliselwa u-Agasti 5.