KUBOSHWE uMfundisi (37) wabekwa icala lokudlwengula akhulelise intombazane eneminyaka engu-17 eZamdela, eFree State.
Okhulumela amaphoyisa eFree State, uSergeant Josephine Rani, uthe osonhlalakahle baye ophikweni lwamaphoyisa oluphenya amacala athinta umndeni, ukuvikelwa kwezingane nawocansi babika ngalezi zinsolo.
Laba basebenzi kuthiwa bafike batshela amaphoyisa ukuthi ingane ikhulelwe futhi kusolakala ukuthi yadlwengulwa ngumfundisi.
“Amaphoyisa aye kolubikela unina wengane udaba, wabe eseya esiteshini samaphoyisa wayovulela umfundisi icala lokudlwengula,” kusho uSerg Rani.
Kuthiwa ntombazane, esinezinyanga ezinhlanu izithwele, ilandise yathi kwakuwuMsombuluko, ngoJanuwari 1, 2024 ngo-8 ekuseni, ikubo kanti kuzofika umfundisi.
Kubikwa ukuthi umfundisi waqale waba nengxoxo nenye intombazane emuva kwalokho wase ebiza umgilwa ukuba eze emotweni yakhe.
“Kusolakala ukuthi umfundisi wafike washela umgilwa efuna abe intombi yakhe kodwa wenqaba. Waphuma emotweni wabaleka ebheke kubo kodwa umfundisi wamlandela wangena egunjini lokulala likanina kamgilwa, wase eyamdlwengula,” kusho uSerg Rani.
Kusolakala ukuthi emuva kwale sigameko, umfundisi watshela umgilwa ukuthi angatsheli muntu ngokwenzekile. Kuthiwa wathi uma ehluleka ukuthula umgilwa ngeke amqashe unina nomalume wakhe.
Umsolwa kulindeleke ukuthi avele ngoLwesine, eNkantolo yeMantshi yaseSasolburg.