LISHONE emini kusigaxamabhande ngemuva kokuboshelwa icala lokukhwabanisa.
UBrigadier Stephina Mahlangu uvele phambi kweNkantolo yeMantshi yasePitoli, nabanye abayisikhombisa, lapho bededelwe khona ngebheyili kaR3 000.
Yena nabasolwa baboshelwe ukukhwabanisa imali yezinkontileka elinganiselwa kuR960 000 eyayabelwe ukuthenga izinsiza zamaphoyisa.
Abanye abasolwa kuleli cala ngosomabhizinisi uKishene Chetty, Kumarasen Prithiviraj, Salamina Khoza, Harry Milanzi, Abigayle Esau noLorette Joubert.
Izinkampani okuthiwa zazuza kule nkohlakalo yiSifikile Furniture and Projects (Pty) Ltd, Bambanani Marketing and Projects Pty Ltd, Baroma Construction and Office Consumables Pty LTD, Super Stationery Distributors Pty Ltd neVatika and Projects Pty Ltd.
Izinkontileka okukhulunywa ngazo kuthiwa ngezika-2014 kuya ku-2017. Laba basolwa babheke namacala okukhwabanisa, ukweba, inkohlakalo nokukokotela.
Baboshwe ngempelasonto bagqunywa esitokisini sasesiteshini iSilverton, ePitoli.
Icala libuyela enkantolo ngoJuni 29, 2022. Lizobe selikhonjwa eNkantolo yesiFunda ePitoli.