BALAHLWE ngelakubo “ababulala” obhejane ngoba befuna izimpondo zabo njengoba kuthiwa baboshwe besazokwenza lo mkhuba esiqiwini iHluhluwe iMfolozi Park.
NgeSonto, abeZemvelo KZN Wildlife bathe kuboshwe amadoda amathathu ngeledlule.
Eyokuqala nguMnuz Vusi Mdluli waseMfekayi, eMtubatuba, oboshwe ngoMsombuluko odlule, emuva kokuthi ikhamera imthwebule esacinga obhejane.
AbeZemvelo babe sebekhipha amaphoyisa aqapha izilwane zasendle ehamba nezinja ukuba amlandele, kuphume nendiza ebimjaha njengoba ekhumule abekugqoke ngenhla ngenhloso yokucasha kalula emahlathini. Kuthiwa izinja bese zimbonile zabe sezimlandela zaze zambamba, waboshwa. Uvele eNkantolo yeMantshi KwaHlabisa, ngoLwesibili.
Kwesinye isigameko esenzeke ngoLwesithathu, kuboshwe abasolwa ababili nabo okusolakala ukuthi bebeyobulala obhejane. Babanjwe yizinja ebezihamba namaphoyisa ezemvelo.
Laba basolwa baseMpumalanga, kuthiwa bebeqaphe ngeso lokhozi obhejane njengoba bebehlala emzini oseduze kwesiqiwi.
Kuthiwa babe sebengena esiqiwini ngoLwesihlanu behlome ngesibhamu esikhulu i-375 nezinye izinsiza abazisebenzisa ukubulala obhejene. Izinja zibone ukuthi kukhona abakhona esiqwini zabe sezibalandela, abasolwa bavele bakha phansi.
Kubizwe indiza enophephela emhlane yasiza amaphoyisa ezemvelo ukubamba oMnuz Sizwe Tivane noSamkele Sithole. Batholwe naso isibhamu sabo i-375.
Bavele enkantolo ngoLwesihlanu, icala labo lihlehliselwe inamhlanje.Isikhulu esiphezulu esisabambile kweZemvelo KZN Wildlife, uMnuz Ntsikelelo Dlulane, sithe iHluhluwe iMfolozi Park ingaphansi kwengcindezi kulo nyaka njengoba amaphoyisa ezemvelo elandela amaqembu ezigebengu amathathu kuya kwamahlanu ngesikhathi esisodwa. Uthe bawu-123 obhejane asebebulewe KwaZulu-Natal nonyaka.
“Ukuqinisa kwethu ezokuphepha nokutshala amaphoyisa ezemvelo ezindaweni ezihlukene, kwenza kube nzima ukuthi izigebengu ezibulala obhejane ziqonde iminyakazo yethu. Uphiko lwezinja luyasiza kakhulu emkhankasweni wokulwa nokubulawa kobhejane. Ngiyethemba ukuthi ukuboshwa kwalawa madoda kuzosisiza ukuthi sithole eminye imininingwane ezoholela ekuboshweni kwezinye izigebengu,” kusho uDlulane.