BABHEKE ezikhungweni zemfundo ephakeme abafundi abahlukene baseNquthu okuthe kuleli sonto bathweswa uphaphe lwegwalagwala ngokwenza kahle kwabo emiphumeleni ka-matric yangonyaka odlule.
Umkhandlu waseNquthu oholwa uMnuz Lindokuhle Shabalala wenze umcimbi ehholo iVA Makhoba khona eNquthu ukuklomelisa izikole ngezitifiketi nezindondo ngomsebenzi wazo.
Kubafundi abashayelwe ihlombe ngokwenza kahe kubalwa uZekhethelo Mdladla obefunda eMaceba Secondary noNomfundo Dubazane obefunda eZindlane Secondary.
Laba bobabili bebekubafundi abebebizwe ngokohlelo lwesifundazwe bezoklonyeliswa uMphathiswa wezeMfundo eThekwini emasontweni amabili adlule.
Bobabili laba bafundi bathe ukuzikhandla yikhona okubabeke lapho bekhona manje futhi bajabule ngemiphumela yabo.
“Kube umzuzu ojabulisayo ukuzwa ukuthi sibizwa uMphathiswa ukuze sizobongwa ngamagalelo ethu, akugcinanga lapho manje sibongwa uMasipala wangakithi. Kuyajabulisa kakhulu ngiyanxusa nenye intsha eqhamuka la eNquthu ukuthi izimisele ezifundweni zayo njengoba ikusasa liqhakazile futhi kufika injabulo uma sekunje,” kusho uZekhethelo.
IMeya uShabalala ithe akumele nje kubongwe abafundi kuphela kodwa nothisha, abahloli, izinyunyana zothisha nabazali ngomsebenzi abawenzile.
“Izinga lokuphasa la eNquthu kulo nyaka linyuke kakhulu njengoba sisuka ku77.7 % kulo nyaka sibe ku86.78 %. Siyazibongela zonke izikole ezenze kahle kodwa okumele singakukhohlwa ukubheka nezinye ezidonsa kanzima okumele njengabaholi sizibheke. Laba bafundi okumele singakulibali ukuthi bafunde ngesikhathi esinzima la bekuhlasele igciwane leCovid-19 kodwa benza kahle sizoqhubeka nokubeka phambili zonke izakhamuzi kusuka komncane kuya komdala emkhandlwini wethu,” kuchaza yena.
Kulo mcimbi isikhulumi sosuku bekunguMnuz Mncedisi Maphisa oncome kakhulu intsha yaseNquthu ngomsebenzi wayo.