KUBIZWE umhlangano wamazwe ase-Afrika eseNingizimu ozobhunga ngempi eseDemocratic Republic of Congo (DRC).
Umhlangano wabaholi bamazwe angaphansi kwenhlangano i-Southern African Development Community (SADC) uzokuba seZimbabwe.
Lo mhlangano ubizwa nje sishubile isimo e-DRC njengoba kusanda kushona inqwaba yamasosha okukhona kuwo nangu-13 alapha eNingizimu Afrika.
Abaholi bala mazwe kubhekwe ukuthi baqhamuke nesixazululo kule mpi esidonse isikhathi eside.
Impi isiqhathe amazwe asezwenikazi i-Afrika, umdonsiswano ogqame kakhulu uphakathi kweNingizimu Afrika neRwanda.
Umdonsiswano ophakathi kwala mazwe uthathe elinye igxathu izolo ngesikhathi uMengameli waseRwanda, uPaul Kagame, esonga ngokuthi iNingizimu Afrika izoyithola impi uma iyifuna.
La mazwe ahlukene phakathi ngempi ese-DRC.
INingizimu Afrika ijube amasosha ayingxenye yokugcina ukuthula asebenzisana namasosha akwamanye amazwe.
Inhloso yokujutshwa kwamasosha ukuba ayovimba iqembu lamavukelambuso, i-M23, ukuba lingagwinyi izindawo ezingaphansi kwe-DRC.
Ngakolunye uhlangothi iRwanda isolwa ngokuthi iqeqesha iphinde ihlomise ngezikhali i-M23.
Kuleli sonto uMengameli Cyril Ramaphosa, ube nezingxoxo noKagame.
Kubukeka lezi zingxoxo zingazange zithele izithelo ezinhle njengoba zilandelwe ukusongelana kwabaholi bakula mazwe.
Izinsongo ziqale ngoLwesithathu, lapho uNgqongqoshe wezokuVikela kuleli, uNkk Angie Motshekga, etshele abezindaba ukuthi amasosha akuleli angu-13 ashone e-DRC athelwe amachaphazelo ngesikhathi kutholene phezulu amasosha ase-DRC nawaseRwanda.
UNkk Motshekga uthe amasosha aseRwanda nawase-DRC ayedubulana eduze nenkambu yamasosha akuleli, ezinye izinhlamvu zawela lapho kunkanise khona amasosha akuleli.
UNkk Motshekga ube eseqhuba ngokuthi sebewaxwayisile amasosha aseRwanda ukuthi uma eqhubeka nokulwa eduze kwenkambu yamasosha akuleli lokho bayokuthatha ngokuthi iRwanda ibizela elakuleli esitikini.
Le nkulumo icasule uKagame, osole uRamaphosa ngokusenga ezimithiyo.
UKagame uthe uRamaphosa uhlanekezele ingxoxo yabo.
“Kuningi okungamampunge kule zinto ezishiwo uRamaphosa kanye nabaholi baseNingizimu Afrika.
UKagame uthe azimethusi izinsongo zabaholi baseNingizimu Afrika, wathi uma befuna impi bazoyithola.
Ihhovisi likaRamaphosa belingakaphawuli ngokushiwo uKagame.