EMZAMWENI wokuqhubeka nokulwa nobugebengu, uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ehambisana noNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thami Ntuli bagasele endaweni ebigcine inqwaba yempahla ewumbombayi nesidlulelwe yisikhathi eBluff, eThekwini.
Kubikwa ukuthi izimpahla bezisuka kwamanye amazwe, zafika echwebeni laseThekwini ngamakhonteyna. UNtuli uthe okubaphatha kabi wukuthi iningi lazo ziyadliwa kanti zihlaliswe nophoyizeni okusanda kuvela ukuthi ubulale izingane.
Uthe okunye okubakhathazayo ukuthi eziningi zidlulelwe yisikhathi, lezo ezingadlulelwe yisikhathi kuvela ukuthi sizodlula eminyakeni eyisihlanu ezayo okuyinto eyindida.
Uthe amaphoyisa kuzofanele aphenyisise, abophe bonke abathintekayo, aphinde futhi aqinisekise nokuthi azidluleli emphakathini ziyodliwa abantu