KUBEKWE uR14 billion ozofakwa ezinhlakeni ezibhekele ukulwa nobugebengu nenkohlakalo nokuqinisekisa ukusetshenziswa kwezincomo zekhomishini ebiphenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana kuleli.
Ngesikhathi ethula isabelomali sika-2023/2024, uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwane, umemezele ukuthi uphiko lwamaphoyisa iSouth African Police Service, lunikezwe imali enguR7.8 billion ozolekelela ukuqashwa kwamaphoyisa amasha angu-5 000 njalo ngonyaka, eminyakeni emithathu. Uthe uR265 million ubekelwe uphiko olubhekela ukuphenywa kwamacala ahleliwe, athinta ukukhwatshaniswa kwemali, bese kuthi uR1.3 billion unikezwe uphiko lwezokushushiswa komphakathi ukuqinisekisa ukuqala kokusetshenzwa kwezincomo ezakhishwa ikhomishini ebiphenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana kuleli.
Ememezela lesi sabelomali uGodongwana, uthe kukhona izingxoxo kweminye iminyango kubalwa nePhalamende ngokuthi kuqalwe ukusetshenziswa kwalezi zincomo zekhomishini.
“Ngiyazi ukuthi iPhalamende libuyekeza isabelomali ukuqinisekisa ukuthi kumele sibeke eqhulwini izincomo zekhomishini, lokho kuyabhekisiswa.
“UMnyango wezokuVikela unikezwe uR3.1 billion ukuqinisa ezokuphepha emingceleni yakuleli,” usho kanje.
Usho lokhu nje, kunezikhalo zokuntshotshwa kwempahla yabantu bakuleli iyiswe kwamanye amazwe okudlangile nokungeniswa kwezidakamizwa. UGodongwana uthe uR100 million uzofakwa ophikweni lwamaphoyisa aphenya ngamacala abucayi.
Ngesikhathi ethula izibalo zobugebengu zekota yonyaka, uMnuz Bheki Cele (uNgqongqoshe wamaPhoyisa), ukhale ngokushoda kwamaphoyisa, athe kube neminyaka emibili kungekho kuqashwa kwawo, isabelomali sincishisiwe safakwa kweminye iminyango, okungesinye sezizathu esenze ukuthi kungabi khona ukubonakala kwamaphoyisa kwezinye izindawo.