UMA ungumlandeli wohlelo lwethelevishini luka-Ellen DeGeneres, i-Ellen DeGeneres Show ngeke ungamazi uStephen Twitch Boss (40) onguDj ohamba phambili kulolu hlelo. Ukuvela kwezindaba zokudlula kwakhe emhlabeni kushiye abaningi bedangele kanti namahlebezi okuthi uzibulele aqinisekisiwe. Ngokwemibiko yezinkundla zezindaba zaphesheya kwezilwandle, okubalwa neTMZ yodumo lwezindaba zosaziwayo, lokhu kwenzeke ngoLwesibili.
Kubikwa ukuthi unkosikazi kaTwitch, u-Allison Holker ubephithene ikhanda ngokuvele kunyamalale umyeni wakhe futhi ashiye nemoto ekhaya nokuyinto ebengakaze ayenze. Ube esebikela abomthetho, emuva kwesikhashana kwangena ucingo kwabezimo eziphuthumayo oluphuma kwelinye lamahhotela aseLA. Yilapho etholakale khona uTwitch esethule nokusolwa ukuthi uzidubulile wathulela khona endaweni yesigameko. Ngaphandle kukankosikazi, uTwitch ushiye emhlabeni izingane zakhe ezintathu uWeslie, Maddox noZai.
U-Allison ekhuluma nabe TMZ uchaze umyeni wakhe njengomuntu obenothando ezifela ngomndeni wakhe nabangani asondelene nabo. UTwitch nakwithelevishini ubaziwa ngobuntu nothando lwabantu ikakhulu odado ebebevakasha ohlelweni luka-Ellen bebemkhonzile. Ukudansa ngezinye zezinto ezamakhela ugazi ngisho nabanye bosaziwayo bebengaphumi ohlelweni luka Ellen bengashayanga amavosho naye. Iningi losaziwayo lidlulise amazwi enduduzo emndenini nakubalandeli.
U-Ellen ungomunye wabantu ababhale umyalezo othinte abaningi ezinkundleni zokuxhumana. "Inhliziyo yami ibuhlungu, uTwitch ubewuthando nokukhanya. Besiwumndeni, ngimthanda ngenhliziyo yami yonke. Ngizomkhumbula, ngicela niduduze u-Allison nezingane zakhe ezinhle," kubhala u-Ellen.
Uma ungena ezinkundleni zokuxhumana, amavideo awaqophe ezinsukwini ezine ezedlule awakhombisi nakancane ukuthi ubengathatha lesi sinqumo njengoba eshaya adume ngazo, edansa enandisela abantu.