KUKHALWA ngokufa konembeza kubantu besilisa, amaphoyisa aKwaZulu-Natal, ededela izibalo ezishaqisayo zababoshelwe amacala okudlwengula abesifazane nezingane ngoNovemba.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, bangu-235 ababoshelwe amacala okudlwengula ngenyanga edlule.
Umsunguli wenhlangano engenzi nzuzo, elwela abesifazane nezingane, uThingo Crisis Centre, uNksz Sbo Ngcobo, uthe isifundazwe sinenkinga yokuba nenqwaba yabesilisa abangenawo unembeza.
Uthe ikhona nekhona lesifundazwe linomuntu wesilisa okuthola kulula ukuthi adlwengule umuntu wesifazane nengane.
“Isimo sibi kangangokuthi sesinabantu besilisa abathi uma bexabene nezinqandamathe zabo, bakhiphele isibhongo ezinganeni zabo bazidlwengule ngenhloso yokuzwisa ophathina babo ubuhlungu,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthe kokunye basuke baliwe ngonina bezingane zabo, abesilisa abadlwengula lezi zingane, bese bekhiphela isibhongo kuzo.
Uqhube wathi okunye akubonayo ukuphela kobuntu kwabesilisa.
“Umuntu usethi uma ebuka ingane kamakhelwane wakhe noma eyasendaweni, kanjalo nowesifazane ongumakhelwane noma wendawo, angambuki njengesihlobo sakhe kodwa ambone njengomuntu angamdlwengula,” usho kanjena.
Uqhube wathi akubuyekezwe izinhlelo ezizobhekana ngqo nentukuthelo egcwele kubantu besilisa, ukuze kuliwe nomnyombo wesihlava.
UNksz Ngcobo uthe imikhankaso yezinhlangano nohulumeni iyawenza umehluko kodwa wathi ukhalo luselude. Uqhube wathi abesifazane nezingane kabakhululekile nhlobo, wakhala nangokungahlinzekwa kwabophiko oluphenya amacala okuhlukunyezwa ngokocansi ngezinsiza-kusebenza ezanele.
Uthe useneminyaka eyevile kwewu-25 esebenzisana nabaphenyi balolu phiko, ekubonela eduze ukushoda kwabaphenyi, izimoto zokusebenza nokunye.
“Kwenza ukuphenya kwabo amacala kuhambe ngonyawo lonwabu. Kokunye lokhu kuholela ekutheni amacala angabi nabo ubufakazi obenele uma esefika ezinkantolo. Kwesinye isikhathi bathathe isikhathi eside ukufinyelela kubagilwa, kuze kuba ukuthi bayaliphonsa ithawula bengabutholile ubulungiswa ngokuhlukunyezwa kwabo.”
Nokho uthe indlela asebenza ngayo uKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ibuyisa ithemba lokuthi ubugebengu buzoya ngokuya behla.
Uphinde wakhala ngokusebenza kwezinkantolo, ethi ukudedela kwazo abasolwa ngokudlwengula kuyabenza abagilwa balahlekelwe yithemba.
Ubuye wakhala nangodilikajele okugwetshwa ngawo abalahlwe amacala, ethi uma ubalisisa kahle iminyaka yakhona, kungabe iwudilikajele ngempela yini?
Ocubungula izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, uNkk Lisa Vetten, uthe ubuningi bezigameko zokudlwengulwa kwabesifazane nezingane ezindaweni zasemjondolo kungenza ukuthi kubangelwa ukungaqini kwezokuphepha kulezi zindawo.
“Kulula ukuthi umuntu akhahlele umnyango angene, adlwengule. Akukhanyi ugesi, umuntu ubanjwa kahle ebumnyameni. Akufani nasesilungwini lapho ezokuphepha ziqinile, abantu bahlala ezindlini ezikhiywa kahle, imizi ebiyiwe, kuphinde kube nonogada abazungezayo emigwaqweni,” kusho uNkk Vetten.
Uthe notshwala bunomthelela ekwenzekeni kwalezi zigameko emalokishini nasemijondolo ngoba budayiswa budlabha, akekho onakekela ukuqiniswa kwemithetho elawula ukudayiswa kwabo kulezi zindawo.
Uthe uhulumeni uhluleke wancama ukwenza umsebenzi wokulwa nobugebengu.