UBABAZA isihluku abulawe ngaso kube kuyinyanga yabantu besifazane umndeni wowesifazane wakwa-A eLovu, okuthiwa ubulawe owesilisa owayeyisoka lakhe KwaFelekisi ngaseManzimtoti ngoLwesihlanu.
UNksz Andiswa Radebe (21) kuthiwa ugwazwe amanxeba amabili entanyeni owesilisa owayeyisoka lakhe obengafuni ukwaliwa.
Ngokusho kwelungu lomndeni elicele ukungadalulwa, ngosuku lwesigameko, umufi ubezihambela emgwaqweni KwaFelekisi ngesikhathi umsolwa embona.
“Kuthiwa wehle etekisini yakhe ayishayelayo, waqonda ngqo ku-Andiswa, wamgwaza amanxeba amabili entanyeni. Kuthiwa uqede lapho, wabuyela etekisini yakhe, waqhubeka nohambo lwakhe,” kusho ilungu.
Lithe ubezihambela umufi njengenjwayelo njengoba indawo yakwa-A eLovu yakhelene noFelekisi.
Lithe basola ukuthi umsolwa, oshayela amatekisi asuka kwaFelekisi aya edolobheni eThekwini, ubeseshayisile emsebenzini ngesikhathi sesehlo.
“Kuthiwa ubehamba yedwa etekisini, bengekho abagibeli futhi bese kuyizikhathi zantambama, sekuhwalele,” kusho ilungu.
Liveze ukuthi abebeseduze, bagijime baya kumufi obesaphefumula ngaleso sikhathi, bamthatha, bamphuthumisa emtholampolo waKwaMakhutha.
“Uthe efika kubahlengikazi, bamhlonza njengoseshonile,” kusho ilungu.
Liqhube lathi bese kunesikhathi umufi amala umsolwa kodwa umsolwa engafuni nokuyizwa leyo ngoba ubelokhu emncenga ethi ababuyelane.
“Okusho ukuthi ugcine ebona kungcono ambulale ngoba ebona ukuthi u-Andiswa akasamthandi,” kusho ilungu.
Lithi bese bethandane iminyaka umufi nomsolwa.
“Kusiphatha kabi ukuthi kuthi kuyinyanga yabantu besifazane kodwa othandiweyo wethu abulawe ngesihluku esingaka. Kubuhlungu ukubulawa komuntu wesifazane ngesihluku ngoba vele akanawo amandla okuzilwela nokuzivikela,” kusho ilungu.
Lithi okunye okubaphatha kabi ukuthi umufi ushiya ngemumva ingane eneminyaka eyisihlanu, ayithola komunye ayethandana naye.
“Sifuna ubulungiswa ngokubulawa kwakhe ngesihluku, ebulawa umuntu wesilisa ongafuni ukwaliwa,” kusho ilungu.
Libuye laveza nokuthi yize umufi ubengakaze akuveze ukuthi umsolwa uwumuntu onodlame kodwa amalungu omphakathi awakhulumi okuhle ngaye endaweni.
Abakhulumela amaphoyisa eKZN bagcine bengayiphendulanga imibuzo abathunyelwe yona ngalolu daba.
.