UMNDENI wephoyisa eliboshelwe icala lokubulala unina wethemba ukuthi umbiko kadokotela obelihlola uzoqinisekisa ukuthi liphile saka ukuthi lingabhekana necala.
Amalungu omndeni kaConstable Lungisani “Mazambane” Xaba (48), anenkolelo yokuthi ukhohlisa inkantolo kanye nabo ngoba akukho ukuphazamiseka komqondo anakho.
UXaba uvele kancane eNkantolo yeMantshi yasePinetown wasehanjiswa kudokotela obezomhlola njengoba ayekade ecele inkantolo ukuthi ixilonge isimo sakhe sengqondo.
Nebala uhanjisiwe kudokotela wase ebuyiselwa ejele laseWestville atoke kulona kusuka ngo-2022.
Icala lakhe libe selibekelwa uJulayi 31 khona inkantolo izokwamukela umbiko kadokotela bese kuyacaca ngokumele kulandele.
UNksz Andile Xaba ongudadewabo kammangalelwa, usole umfowabo ngokubambezela ukuqala kokuqulwa kwecala abakubheke ngamehlo abomvu.
“Siyethemba ukuthi udokotela uzoqinisekisa esihlale sikusho ukuthi uphile saka uLungisani. Njengomuntu obekade esebenza ngomthetho ulokhu ezama izindlela zokuthi aphunyule,” kuchaza uNksz Xaba.
Ubuze ukuthi uma kuwukuthi umfowabo akaphilile, kungani emamatheka akhombise ukujabula uma ebona isancinza sakhe enkantolo kodwa anyukubale uma ebuka umndeni wakhe kube sengathi akawazi.
UXaba wancishwa ibheyili. Useshintshe abameli amahlandla amaningi. Uyaye akhale nangokugula kuguqe icala. Usanda kuzama ukuphoqa inkantolo ukuthi ifunde incwadi ayeyibhale ngesandla esejele, kwahlehla icala.
Kuthe sekubuywa wavele wacela inkantolo ukuthi imvumele ayohlowa ingqondo.
“Asimazi ukuthi uzoqhamuka nakuphi okusha uma sesibuyela enkantolo ngoba uhlale enezinto ezintsha aqhamuka nazo ngenhloso yokubambezela icala,” kusho uNksz Xaba.
UXaba usolwa ngokushaya ngepulangwe elalinezipikili abulale unina uNkk Greta Xaba (81) owayephila nokukhubazeka.
Isigameko senzeka emzini kamufi KwaDabeka, eClermont ngoMeyi 6, 2022 waboshwa ngakusasa uXaba.
UXaba waboshwa esebe yiphoyisa iminyaka engaphezu kuka-10 esiteshini samaphoyisa saKwaDabeka