KUBANJWE umoya ngokubiza kwamaqanda neminye imikhiqizo yenkukhu okudalwa ukuhlasela komkhuhlane wezinkukhu, i-Avian Flu eNingizimu Afrika oholele ekutheni kufe izinkukhu ezingaphezulu kuka-7 million.
Lesi sifo siqale ukuhlasela kuleli ngo-2017, kodwa besibuye sidambe. Ukubheduka kwaso kwakamuva kwenzeke ngo-Ephreli, manje sekunamagciwane amabili iH5 neH7, aholele ekutheni zinciphe kakhulu izinkukhu ngoba ebezinalesi sifo zibulelwe ezinye zizifele.
Ngempelasonto, amaqanda enyuke kakhulu okuholele ekutheni amakhasimende abe novalo ngoba imindeni eminingi ithembele kuwo ukuze ithole izakhamzimba ezingama-protein.
NgoLwesibili, isitolo saseWoolworths sishaye umthetho wokuthi ikhasimende livumeleke ukuthi lithenge amaqanda ayisithupha kuphela ngesikhathi ukuze sivimbele ukuthengwa kwawo kakhulu okuzokwenza ukuthi aphele.
AbasePick n Pay bathe bakhuthaza amakhasimende abo ukuthi athenge ngokubhekelela amanye, uma bengakwenzi lokho sizowakalela.
Isitatimende sabaseShoprite noCheckers, sithe amakhasimende abo avumelekile ukuthenga amaqanda ngendlela afisa ngawo, awakalelwa futhi asinazo izinhlelo zokuwakala.
Akuwona kuphela amaqanda ashodayo uma kuhlasele lo mkhuhlane nenyama yenkukhu nayo iyashoda ngoba inqwaba yezinkukhu zenyama zifile kodwa uMnyango wezoLimo kuleli, uthe okwamanje inyama ayikashodi futhi lukhona uhlelo lokuthi ithengwe ngaphandle. Amaqanda aselungele ukuchanyuseliswa aselandwa eSwatini nakwamanye amazwe.
UMnyango wezoLimo uthe zingaphezulu kuka7.5 million izinkukhu ezefile kuleli ngenxa yaleli gciwane.
UNgqongqoshe uNkk Thoko Didiza, uthe njengamanje umnyango ngokubambisana nesikhungo esigunyaza imithi yokwelapha kuleli, iSouth African Health Products Regulatory Authority, (SAHPRA), ekuqinisekiseni ukuthi kuba nomgomo wezinkukhu.
"Sithole izicelo ezimbili zezinkampani ezifisa ukuthi kuhlolwe imigomo yazo. Kungokokuqala ukuthi leli gciwane lihlasele izinkukhu kuze kube nesidingo sokuthi zigonywe. Phambilini, bekuye kubulawe lezo esezihaqekile bese kuqinisekiswe ukuthi izinkukhu ezihaqekile ziyabulawa. Umphakathi awehlise amaphaphu, inyama ngeke ishode. Sinohlelo esilwenzayo ngokubambisana noMnyango wezeziMboni lokuthi inyama ithengwe kwamanye amazwe. Siyaxoxa nabanikazi bezitolo ngentengo yamaqanda ,“ kusho uNkk Didiza.
UDkt Abongile Balarane weSouth African Poultry Association (SAPA), uthe lo mkhakha ukhahlamezeke kakhulu ngenxa yokuhlasela kwaleli gciwane kusukela ngo-2017.
"Okubi ukuthi ukusabalala kwaleli gciwane kufaka ingcindezi emikhiqizweni eyenziwa ngenkukhu yonke ,“ kusho uDkt Balarane esitatimendeni .
UNksz Siziwe Makhaye ofuye izinkukhu zamaqanda eMgungundlovu, uthe ukuhlasela kwalesi sifo kuholele ekutheni amatshwele namaqanda asazochanyiselwa angatholakali.
“Uma izinkukhu zakho sezindala kunzima ukuthola ezisencane uma uzithola nazo ziyabiza kanti vele nokudla kwazo kuyabiza. Ngakolunye uhlangothi, nogesi umba eqolo. Ugcina ungasazi ukuthi yini okumele uyenze ukuze ibhizinisi lakho lingawi,” usho kanje.
Ezinkundleni zezokuxhumana abantu bebekhala ubumayemaye ngokwenyuka kwemali yokuthenga amaqanda.
KwaPick n Pay amaqanda angu- 48 abiza uR156.99; angu-18 abiza uR 57.99 kuya kuR77 .99; angu-30 abiza uR112.99 kuya ku-R139. 99; eSpar awu-30 angu-R129, eShoprite noCheckers angu-30 abiza uR94 99 kuya kuR99 00.
Abakhiqizi bemikhiqizo yenkukhu, okungama-fillet, ama-nugget, amaqatha enkukhu nokunye, i-Astra Foods, bacashunwe kweminye imithombo yabezindaba bethi, uma kwenzeka kuqhubeka inkinga yokufa kwezinkukhu kungagcina kufaka ingcindezi nasekukhiqizweni kwemikhiqizo yabo.
Inkukhu ehaqwe i-Avian flu iba ntekenteke, ikhathale, ivuvukale amehlo, ikhale izinyembezi ibe namafinyila, ayibe isakwazi ukudla ngaphezu kwalokho, isuke ikhishwa isisu futhi ikhwehlela.