UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi usukulungele ukuvulwa kwezikole esifundazweni, ezizovulwa ngokusemthethweni ngoLwesithathu.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, umnyango uthe phakathi kokunye osuvivele ngakho ukuqala unyaka wokufunda,ukugcwaliswa kwezikhala ezivuleke ezikoleni ezehlukene ngenxa yokushiya kothisha okubangelwe izizathu ezehlukene okubalwa kuzo ukuthatha umhlalaphansi, ukugula, ukushona nabakhushulelwe kwezinye izikhundla nezinye izizathu.
“Zevile ku-3 000 izikhala ezikhangiswe ngoSepthemba, nyakenye. Ukugcwaliswa kwezikhala ezikoleni ngokwezincomo zezigungu ezilawula izikole, sekudluliselwe emahhovisi omnyango ezifundeni. Kuzothi labo abaphumelele baqale emsebenzini ngoLwesithathu,” kubhalwe kanje.
Umnyango uqinisekise ukuthi uhlelo lokwamukelwa kwezicelo zabafundi ezikoleni olwenziwe ngonyaka odlule luhambe kahle, kangangoba bonke abafundi bakwazile ukuthola izikhala ngaphandle kwezinkingana ezimbalwa ezibikiwe lapha nalaphaya, umnyango ozisukumelayo
Uveze ukuthi imali yokuthenga izinsizakufunda nokwenza eminye imisebenzi ezikoleni, izokhokhwa kothishomkhulu kusasa, ukuze bakwazi ukukhokhela abasebenzisana nezikole.
Kuthiwa zingu-59 izikole ezikhahlanyezwe yizikhukhula ezifundeni eziyisishiyagalolunye, kanti umnyango uthe zikhona izaba ezenziwe ukuqinisekisa ukuthi ukufunda akuphazamiseki. Ugcizelele ukuthi uhlelo lokudla ezikoleni lumi ngomumo, njengoba zizothi zisuka nje ngoLwesithathu, kuzobe kukhona kuzona zonke izikole ezingaphansi kwalolu hlelo esifundazweni.
Khonamanjalo: Lo mnyango uxwayisa othishomkhulu ezikoleni zikahulumeni, abanqaba ukwamukela abafundi ngoba kuthiwa abayikhokhile imali yesikole nasebefeyile ekilasini elilodwa kwaze kweva ezikhathini ezimbili, ngokuthi akukho emthethweni ukwenze njalo.
Lokhu kuza emva kwezikhalo zabazali ngesinye sezikole esifundazweni okuthiwa uthishomkhulu unqabele abafundi asebezophinda ikilasi okwesithathu kuya phezulu ukuthi abasamukelekile esikoleni, sekumele bafune izikhala kwezinye izikole.
“Ukuphoqa abazali ukuthi bakhokhe imali ethile ezikoleni zikahulumeni okungakhokhwa kuzona nokubasabisa ngokuthi ngeke izingane zabo zithathwe, akuvumelekile. Umfundi ongaphumelelanga kungaba kanye, kabili noma ngaphezulu kwalokho bese etshelwa ukuthi angabuyi eskoleni, lokho kuphambene nomthetho,” kubhalwe esitatimendeni.
Kuvezwe ukuthi uma umfundi obekade enza elinye ibanga okungesiwo u-matric esikoleni abefunda kuso nyakenye, unelungelo lokubuyela esikoleni futhi aphinde lelo kilasi uma nje esenothando lokuqhubeka nokufunda. Kuthiwa uma kwenzeka kutholakala ukuthi umfundi unenselelo ethile okukholakala ukuthi iyimbangela yokungaphumeleli kwakhe, kunohlaka olukhona ngaphansi komnyango okumele laziswe ukuze lulekelele uma kudingeka.
Uthe ukubanjwa kwemiphumela ngoba kuthiwa umfundi akayikhokhile imali yesikole, nakho akuvumelekile.