ABESEKA uDkt Zweli Mkhize embangweni wokuhola i-ANC kababoni udaba lwethenda eyanikezwa inkampani yezokuxhumana, iDigital Vibes, lungaphazamisa umkhankaso wakhe.
Udaba lwale thenda lwaholela ekutheni uMkhize asule esikhundleni sokuba wungqongqoshe wezeMpilo kulandela izinsolo zokuthi yena nomndeni wakhe bahlomula kule thenda kaR150 million.
I-ANC inomthetho othi bonke abaholi ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundleni, uphinde ubavimbe ekutheni bangenele umbango wezikhundla kule nhlangano.
I-ANC KwaZulu-Natal, eveze ukuthi yeseka igama likaMkhize embangweni wokuyihola, ithe udaba lweDigital Vibes angeke lumvimbe uMkhize ukuthi angenele umbango wokuhola.
UNobhala we-ANC eKZN, uMnuz Bheki Mtolo, uthe alikho icala uMkhize athweswe lona, ngakho-ke akukho okumvimba ukuthi angenele umbango wesikhundla.
Kanjalo nokhulumela uMkhize, uMnuz Vuyo Mkhize, uthe umthetho wokushenxa awumchaphazeli uMkhize njengoba engekho amacala athweswe wona.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nesiteshi sethelevishini.UVuyo uthe njengamanje uMkhize uphonsela inselelo enkantolo umbiko weSpecial Investigations Unit (SIU), lapho efuna ukuthi kuchithwe khona izingxenye ezimkhomba ngenjumbane. Uthe uMkhize uyakuphika ukuthi waba nokugxambukela okwaholela ekuqashweni kweDigital Vibes.
Uthe akusilona iqiniso ukuthi uMkhize washaya indiva isinqumo seKhabhinethi esasithi umsebenzi wezokuxhumana owanikezwa iDigital Vibes kufanele wenziwe wuphiko lukahulumeni lwezokuxhumana iGovernment Communications and Information Services (GCIS).
“NgoLwesihlanu, iSIU ivumile ukuthi iKhabhinethi ayikaze isithathe leso sinqumo.”
UVuyo uthe ikomiti lezobuqotho ePhalamende, laphinda lamthola emsulwa uMkhize odabeni lokuthi indodana yakhe, uMnuz Dedani Zuma, wahlomula emalini yethenda.
Umhlaziyi wezepolitiki ozinze eNyuvesi yaKwaZuluNatal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe udaba lweDigital Vibes yifu elimnyama elithunaza igama likaMkhize.
“Ngesikhathi kubheduka iCorona, uMkhize ubengungqongqoshe obegqamile. Abantu bebemthemba futhi bemthanda. Kusukela kwavela izindaba zeDigital Vibes, abantu abaningi kabasamthembi. Le nto izolimaza umkhankaso wakhe.”
* Khonamanjalo: i-ANC eKZN isigxeke izigameko zokubulawa kwamakhansela esifundazweni.Muva nje, zenyukile izibalo zokubulawa kwamakhansela esifundazweni njengoba kule nyanga kudutshulwe kwabulawa amakhansela amathathu.
UMtolo unxuse amaphoyisa ukuba aqhubeke nokuphenya lezi zigameko. Uphinde wanxusa ukuba kukhonjwe indlela ibhodi lase-Eskom nesikhulu esiphezulu kule nkampani, uMnuz Andre De Ruyter.
Uthe ukucinywa kukagesi kwakamumva kuyimiphumela yokwehluleka kukaDe Ruyter nebhodi ukuphatha le nkampani.
“Sinxusa uMengameli Cyril Ramaphosa, ngokusebenzisana noNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, ukuba bengabe besapholisa amaseko, baxoshe uDe Ruyter nebhodi.
Ukucinywa kukagesi kuholela ekulahlekeni kwamathuba emisebenzi. Kufanele kube khona into eyenziwayo.