UZOBOPHA izifociya uhulumeni njengoba silokhu sikhula ngamandla isikweletu sezwe.
Lezi zindaba zidalulwe wuNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, oveze ukuthi izwe kuzofanela ukuthi liboleke uR553 billion kulo nyaka ukuze likwazi ukufeza izinhlelo zalo.
Uveze ukuthi isikweletu sizosuka kuR4.8 trillion kunyaka wezimali ka-2023/24 siye kuR5.2 trillion ngonyaka ozayo, bese siya kuR6 trillion ngonyaka wezimali ka-2025/26.
Uthe kulo nyaka banenzalo kaR385.9 billion okufanele bayikhokhe ngenxa yezikweletu kanti ngokuhamba kwesikhathi izoba wuR1.3 trillion.
Le mali uthe inkulu kunemali echithwa emaphoyiseni, kwezemfundo nakwezempilo ngakho kufanele enze okuthile.
Ukhale ngokuthi umnotho uzokhula ngo-0.8% kanti ngonyaka ozayo balindele ukuthi ukhule ngo-1.4% okuyisibalo esingeke sibeke izwe esimweni esikahle.
Kukhona izinhlelo zokuthatha imali eminyangweni engayisebenzisi yonke imali esuke yabelwe yona bese ibhekelela ezinye izinhlelo.
UGodongwana uthe uzobeka uR24 billion kulo nyaka ukubhekelela amaholo ezisebenzi zikahulumeni ngoR74 billion ozoqhubeka kuze kube wunyaka ozayo.
Omasipala bafakelwe uR372 million ozobasiza uma bhekene nezinhlekelele kwase kwengezwa uR1.2 billion ozobasiza ukuthi balungise ingqalasizinda ecekelwe phansi yizikhukhula zikaFebhuwari noMashi kulo nyaka.
UGodongwana uthe izinhlelo zokuxhasa ukuthuthukiswa kwengqalasizinda komasipala kufanele zihambisane nezinhlelo ezinqala ezicacisa ukuthi imali izokwenzani.
Ezinhlelweni zokutakula omasipala abakweleta i-Eskom, uGodongwana uveze ukuthi kudingeka umasipala usho ukuthi uhlela ukuyingenisa kanjani imali.
Lapha ubalule ukuthi abantu kufanele bakhokhele izidingo abazithola komasipala. Wathi kufanele abantu bafakelwe ugesi wekhadi ukuze bakwazi ukukhokhela abakusebenzisayo.
Udonse ngendlebe abantu ukuthi bazikhokhele izidingo abazithola komasipala ngoba uhulumeni akakwazi ukulokhu etakula omasipala abangakhokhi kahle.
Njengamanje, bawu-28 omasipala abafake izicelo zokuthi kucishwe izikweletu zabo zase-Eskom eziwuR56.8 billion.
UGodongwana uthe ukutakulwa kwe-Eskom ngoR254 billion kuhamba kahle futhi bazosiqapha ngeso lokhozi isimo kule nkampani ukuqinisekisa ukuthi imali yenza okufanele.
Uye wakhala ngokungasebenzi kahle kwamaguzu esho ukuthi uhulumeni ulahlekelwe wuR50 billion obungeniswa yizimayini emuva kokuthi amaguzu ethuthe umkhiqizo wazo awuyisa emachwebeni.
Uthe banezinhlelo zokuvuselela imizila yamaguzu nokuthatha ingxenye yesikweletu seTransnet ukuze ikwazi ukusebenza kahle.
Udonse ngendlebe ezinye izinkampani zikahulumeni ukuthi zilandele imithetho enqala ebekiwe yokuthi imali isebenza kanjani.
Uphethe ngokuthi uhulumeni uzimisele ngokulwa nobugebengu ikakhulukazi nabantu abashushumbisa imali.
Wathi kunesikhwama esibhekelele lokhu esizolekelela amaphoyisa, uMnyango wezaseKhaya nenhlangano eqoqa intela.
Eminye imininingwane uthe uzoyidalula kwisabelomali sangonyaka ozayo.
Amalungu ePhalamende aye amhhahhameza esephetha inkulumo yakhe, ebonga umkakhe nomndeni ngokumeseka.