KULINDELEKE ukuthi intengo yokudla yehle ekoteni yesibili yonyaka ngenxa yokudayiswa kahle kwezimbiwa nokushintsha kwesimo emnothweni womhlaba. Lokhu kuvezwe yisazi somnotho esigxile kwezolimo eFNB, uMnuz Paul Makube.
Njengamanje igilosa yomndeni ibiza uR5 023.95 isuka kuR4 966.20.
Ebuzwa ukuthi kungani intengo yamafutha yehla kodwa eyokudla okukhulu njengempuphu, irayisi, ubhontshisi nenyama iqhubeka nokunyuka, uMakube uthe impuphu inyuswa wukuthi abalimi baphazanyiswa wukunqamuka kukagesi emasimini.
“Impuphu ithi isuka emasimini kudingeke ukuthi igaywe emafemini, kulapho izindleko zinyuka khona kakhulu ngenxa yokunqamuka kukagesi. Abalimi bangazama ukubhekana nezindleko zokuchelela uma benesivuno esihle kodwa izindleko zabagaya ummbila ziyanyuka ngenxa yokunqamuka kukagesi. Irayisi linyuswa wukuthi silithenga kwamanye amazwe, uma imali yakwamanye amazwe inamandla kuneyethu kusho ukuthi silithenga ngemali eningi. Akekho otshala irayisi ngakho siphoqelekile ukulilanda ngaphandle,” kuchaza uMakube.
Uthe balindele ukuthi inyama ebomvu neyenkukhu yehle ngenxa yokuthi zehlile izindleko zokuyikhiqiza. Zisuka ku-11.4% ngoFebhuwari ziya ku-10.6% ngoMashi.
Uveze ukuthi impi eqhubeka e-Ukraine ibinawo umthelela ekunyukeni kokudla ngonyaka odlule kodwa njengoba kunezivumelwano zokuvumela ukuthi kuhambe ukudla nembewu, kufanele yehle intengo yokudla kulo nyaka.
Wenze isibonelo sokuthi amafutha abebiza kanjalo nomanyolo kodwa manje seyehlile intengo yalezi zinto ngakho nokunye ukudla kuzoqala ukuba kuningi emakethe bese kwehla intengo yakho.
Ugqugquzele zonke izinhlaka ukuthi zize namasu okuxazulula inkinga yokunqamuka kukagesi eveza ukuthi noma ngabe abalimi basebenza kanzima kodwa bakhokha imali enkulu ngokuthenga udizili wamagenerator okunisela izitshalo.
Izitolo nabahambisa ukudla uthe bakhokha imali enkulu ukugcina ukudla kubanda nabo besebenzisa amagenerator.
Uthe abalimi abancane nosomabhizinisi abasathuthuka abakwazi ukusebenzisa amagenerator isikhathi eside okwenza badlulisele izindleko kubathengi.