Izihlathi zizovakashela izindlebe kubashayeli bezimoto njengoba izibalo zeCentral Energy Fund (CEF) zamaphakathi nenyanga ziveza ukuthi intengo kaphethroli izokwehla ngoJulayi.
Ngokwezibalo zeCEF kulindeleke ukuthi intengo yelitha likaphethroli i-ULP95 lehle ngoR1.10 bese ele-ULP93 yehle ngoR1.15. Intengo yamalitha kadilizili izokwehla ngo-55 cents bese elikapharafini yehle ngo-45 cents.
Inhlangano eyenza ucwaningo ngezezimoto, i-Automobile Association (AA) ithe lezi zibalo zisengashintsha njengoba inyanga ingakapheli.
“Okwamanje ngeke sikuqinisekise ukuthi ilitha likaphethroli lizokwehla ngamalini ngoba izibalo zisengashintsha njengoba inyanga ingakapheli. Esingakuqinisekisa wukuthi ucwaningo lukhombisa ukuthi uphethroli uzokwehla ngoJulayi. Ucwaningo lwethu luveza ukuthi intengo ka-oyela iyehla emhlabeni jikelele kanti sibuye sibheke neRandi ukuthi lihweba ngamalini uma liqhathaniswa ne-Dollar laseMelika ngoba u-oyela ongahluziwe ulandwa ngaphandle,” kuchaza abe-AA esitatimendeni.
Bathe uma iDollar laseMelika lehlelwe ngamandla lokho kusho ukuthi u-oyela ongahluziwe uzothengwa ngemali encane bese kuba nomthelela omuhle uma nowoyela ushibhile ngoba kuzuza abathengi bakaphethroli njengoba ugcina sewehla.
“Uma isimo singashintshi abashayeli bezimoto bazozuza ngoba ukwehla kukaphethroli kuzonciphisa umthwalo emahlombe abo. Phela impahla eningi ithwalwa ngamaloli ngakho uma kunoshintsho kwintengo kadizili nophethroli lokho kwehlisa izindleko kubantu bakuleli,” kusho abe-AA.
Uhulumeni uyimemezela ngesonto lokuqala intengo kaphethroli bese abantu bebona ushintsho eziteshini zikaphethroli ngoJulayi 3.