KUBA mnandi uma kuhlangene imindeni, izihlobo nabangani kudliwa izibiliboco, kugeleza neziphuzo. Sikuphathele imicimbi ehlukene exoxwa ngezithombe.
Uma ufisa ukuthi izithombe zomcimbi wakho zishicilelwe kuleli khasi, zithumele nge-email ethi: isolezwe@inl.co.za. Bhala kafushane ukuthi bekuwumcimbi kabani, umayelana nani futhi ukuphi?
Uma esithombeni kukhona abayisihlanu kuya phansi, sicela nibhale amagama nezibongo zomuntu ngamunye. Izithombe zemicimbi sezishicilelwa njalo ngoLwesibili.
BEWUHANJELWE yiMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda, umcimbi wokwembulwa kwetshe likaMnuz Fano Luthuli, eMthwalume. Esithombeni nguNksz Wendy Zungu, Nkk Busi Luthuli, iMeya uKaunda (owaphekwa nguLuthuli kwezomzabalazo) noMnuz Sandile Luthuli
BAHLOBE babahle ngamaphinifo ngesikhathi kunomcimbi wokwembula itshe likaMnuz Fano Luthuli, eMthwalume
BEKUKUHLE kudelile ememulweni kaNongcebo Zondi, eHopewell eRichmond
BEBEHLOBE bebahle uNksz Busi Dlamini, enzelwa umhlonyane ngoLwesine wenzelwa umemulo ngeSonto, eNewlands
BEBEHLOBE bebahle emncimbini kaNksz Busi Dlamini, womhlonyane ngoLwesine wenzelwa umemulo ngeSonto, eNewlands
KULILIZELWE kwasha amazwi uMnuz Smiso Hlongwana waseMagabheni eThekwini, noNksz Slindile Mkhize waseMalangeni eMzinto, bebopha ifindo lika sofa silahlane. Kuqale umshado omhlophe kwalandela owesintu
ABAKHAPHI emshadweni kaMnuz Smiso Hlongwana waseMagabheni, eThekwini, obeshada noNksz Slindile Mkhize waseMalangeni, eMzinto
USHESHE wafika uKhisimusi emindenini eswele ngesikhathi abagqugquzeli be-150 Maskandi Festival beyinikelela ngokudla eSeven Pub Butchery eSteadville, eMnambithi
BEKUMNANDI kudelile kubafundi besikole iHlengimpilo Full Service, eMzinyathi, emuva kokuklonyeliswa ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla. Phambili nguthishanhloko uMnuz SM Mpungose
INTOKOZO ngesikhathi kwemuliswa uNksz Lungile Ngcobo waseMaqadini, eBothas Hill, noyise uMongameli Muntuwenkosi Ngcobo