Izithombe zemicimbiBEKUKUHLE kudelile ngesikhathi uMnuz Bongani noNkk Hlengiwe Ngubane, bevuselela izifungo zomshado wabo. Sekuphele iminyaka engu-34, bashada. Kuwo lo mgubho obuseNjengabantu, kuphinde kwabakhona udwendwe nomabo Isithombe: SITHUNYELWE AMALUNGU omndeni wakwaMbhele, ngesikhathi kwembulwa itshe likamama wakhona, uNkk Phumephi Mbhele Isithombe: SITHUNYELWEBEKUKUHLE kudelile uNksz Kwazikwenkosi Siphosethu Nkwanyana eshada noMnuz Bhekizenzo Mngomezulu. Umshado ubusuka esigodini saseGujini, uya esigodini sakoNohhihhi, eJozini Isithombe: SITHUNYELWE BEKUSINDWE ngobethole ngesikhathi kukhunjulwa ugogo wakwaShinga eMthwalume, esigodini saKwaNdelu Isithombe: SITHUNYELWEBEKUBHUJWA KwaMashu, kwa-E, eThobza Bike Center. Bekunomcintiswano wamabhayisikile, kugujwa inyanga yabantu abasha. Bekukhona nezitatanyiswa uMnuz Sihle Mazibuko (ikhansela lakwa-E), uMnuz Neesh (Cycle Specialist) noDJ Banana Isithombe: SITHUNYELWE BACHITHE impelasonto yokuqala kaJulayi, bezipholele eCotswold, eHillcrest, abangani oNobuntu Makhaye, Makhosi Ndokweni, Zandile Kheswa, Zanele Majola noZanele Mbatha Isithombe: SITHUNYELWE UVUNE akutshalile uNksz Olwethu Tenza waseSt Faiths, Ophepheni, ngesikhathi abazali bakhe bembonga bemkhulisa emva kokuziphatha kahle. Lapha uthathwe ephakathi kwabazali bakhe abamchome uphaphe lwegwalagwala Isithombe: SITHUNYELWE BEKUSINDWE ngobethole kumbeswa uNksz Nokwazi Shange waseSt Faiths, oPhongolo, embeswa wuMnuz Linda Mkhize wase St Faiths KwaMagugu, baphinde babopha ifindo likasofa-silahlane ngalo lolu suku Isithombe: SITHUNYELWEBEKUKUHLE kudelile ngesikhathi uThobe Goqo waseMaBheleni, KwaSwayimani, ehambise umbondo kunina wesoka lakhe, uMnuz Mbusi Maphumulo, eManzimtoti. Kwesokunxele umakotshana, uZinhle Mkhize noThobe, ngemuva kube uWinile Goqo noNdah Maphumulo Isithombe: AFRICAN INK MEDIABEKUMNANDI kudelile ngesikhathi uNksz Thobe Goqo waKwaSwayimani, eMaBheleni, ehambise umbondo kubo kwesoka lakhe, eManzimtoti Isithombe:AFRICAN INK MEDIAHOUSEShare this article:ShareTweetShareShareEmailRead Next:‘Amacala amaningi ahlelwa iziboshwa ezisemajele’