IMIFELANDAWONYE yezinyunyana ithi kufanele isabelomali samaphakathi nonyaka sibhekelele abasebenzi nabantulayo.
Namuhla kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, amemezele izinhlelo ezinqala zokunqanda ukusaphazwa kwemali kahulumeni.
Kulindeleke ukuthi abuye atakule abasebenzi achaze nokuthi yikuphi lapho ezonciphisa khona imali ukuze ayifake kwezinye izinhlelo.
UMnuz Matthew Parks, okhulumela iCosatu, ePhalamende, uthe izwe libhekene nezingqinamba eziningi okubalwa ukungakhuli kahle komnotho, ukusweleka komsebenzi, ubugebengu, ukunqamuka kukagesi nokungasebenzi kwezitimela.
“Asihambisani nokuthi uGodongwana onge imali ngokumisa ukuqashwa kwabasebenzi bakahulumeni. Ngo-1994, sasinabasebenzi bakahulumeni abawu-1 million nabantu abawu-34 million ezweni. Kulo nyaka uhulumeni unabasebenzi abawu-1.2 million ekubeni sebewu 62 million abantu ezweni. Lokhu kuzodala izinkinga ezihlukene,” kusho uParks.
UMnuz Trevor Shaku okhulumela i-South African Federation of Trade Unions (Saftu), uhambe emazwini kaParks, wathi ukungaqashwa kwabantu kuzogcwalisa abafundi emakilasini.
Uthe kuzobulala abantu ezibhedlela njengoba kusele idlanzana lonesi nodokotela ezibhedlela ngenxa yokuthi basebenza kakhulu kodwa bengaholi imali efanele.
Uyalele uGodongwana ukuba andise imali yokuthuthukisa ingqalasizinda ukuze kuvuswe amaguzu, kuqashwe abantu ikakhulukazi intsha eswele amathuba omsebenzi.
UDkt Alex Mashilo weSouth African Communist Party (SACP), uthe ukuncishiswa kwemali ebhekelele abasebenzi bakahulumeni nomphakathi kuzobulala umnotho nabampofu.
Uthe namuhla (kusasa) bazomashela ePhalamende baphikise ukuthi kuncishiswe imali ebhekelele abampofu.
UNksz Motlatsi Komote weBudget Justice Coalition, okuyinhlangano esebenza nomphakathi, uthe bafuna uGodongwana abhekelele izinkinga zabantu bakuleli.
“Abampofu bampofu kakhulu manje ngenxa yokuthi ayikho imisebenzi. Sifuna uGodongwana afake imali ekuvuselelweni kwengqalasizinda, anyuse izibonelelo ezibhekelele abangasebenzi nabantu abasha. Sifuna abhekisise ukuthi imali efakwa ezikhungweni zokuthuthukisa amakhono ngabe yenza okufanele yini noma iyadliwa imali kulezi zikhungo,” kuchaza uNksz Komote.