IZINKINGA zocansi ezingaxazululwa emadodeni ziholela ekutheni kube nodlame emindenini olungagcina lukhiphe izidumbu.
Lokhu kushiwo uMnuz Sibusiso Radebe ngesikhathi kunesigcawu sokubonisana kwamadoda ahlala kuWard 47, KwaMashu, ngoLwesihlanu .
URadebe ongomunye wabahleli bezigcawu zokubonisana zamadoda, iMen’s Forum yakule ward, uthe izinkinga zocansi ezingalungiswa emadodeni zidala ulaka nokungazethembi.
“Kuningi okwenza ukuthi amadoda angazixazululi izinkinga, kwesinye isikhathi kuba yindlela amadoda akhuliswe ngayo yokuthi wona akufanele abonakale engabantu ababuthaka abadinga usizo. Ngaso sonke isikhathi kumele abonakale eqinisela noma ngabe lezo zinkinga zinkulu. Uma inkinga kungeyocansi, ayigcini ngokuthinta yona leyo ndoda kodwa ikapakela nakowesifazane owuphathina wakhe. Uma owesifazane esephuma eyofuna injabulo ngaphandle, kulapho kungena khona udlame lomndeni, uthole indoda isibulala wonke umndeni ngento ebingalungiseka,” kusho yena.
Ngaphandle kwalokhu uthe bengamadoda babuye bahlomisane nangezinto ezithinta ukukhuliswa kwezingane nokukhuliswa kwabafana baze bafike esigabeni sokuba amadoda.
“Kuyavela ukuthi kucatshangwa ukuthi indoda ayihlukumezeki kangangoba namaphoyisa ayayihleka indoda efika esiteshini ithi izobika ngokuhlukunyezwa ngowesifazane,” kuqhuba uRadebe.
UMnuz Sanele Hadebe, ocubungula udlame olubhekiswe ebulilini obuthile kuyo le ward, uthe izigcawu ezinjengalezi uma ecubungula obekukhulunywa, ubona ukuthi amadoda kwaziwa ukuthi yiwona ahlukumezayo, abesifazane bahlale bengabagilwa.
“Uma kungase kususwe inkolelo yokuthi owesifazane uwumgilwa njalo, singalunqoba udlame lwemindeni ngoba udaba ngalunye lungahlaziywa ngokwehlukile,” kusho uHadebe.
UMnuz Nhlanhla Gumede, owuthisha Kwesethu High obemele inyunyana yothisha iSadtu kulesi sigcawu, uthe udlame olukhona ezikoleni ludalwa ukuthi abafundi bakhula bebuka owenzeka emphakathini, uma umphakathi unodlame nabo abafundi baba nodlame.
“Ngiyafisa ukuthi lesi sigcawu singene nakubafundi, bafunde besebancane ngezinto eziholela ekutheni sibe yisizwe esingakwazi ukubekezelelana. Njengoba isiZulu sisho ukuthi ugotshwa usemanzi, uma singangena nasezikoleni zingehla izigigaba zabafundi abanodlame. Abanye babo bagcina belwa nothisha ngoba bazi ukuthi ayikho enye indlela yokulungisa inkinga ngaphandle kokulwa,” kusho uGumede.