Sekuqubuke izinkinga emaqenjini ayingxenye kahulumeni wokubambisana kubangwa ukujoyina kwePA.
I-DA isibhalele i-ANC ifuna ukwazi ukuthi iPA ivunyelwe kanjani ukuthi ijoyine uhulumeni wobumbano kungakhulunyiwe namanye amaqembu.
Amaqembu asabela kuqala ikhwelo likahulumeni wobumbano owamenyezelwa i-ANC, iDA, IFP neGood.
Ukujoyina kweDA ne-IFP uhulumeni wobumbano kwenza ukuthi kube lula ukuba uMengameli, uCyril Ramaphosa, abuyele esikhundleni ngesikhathi kunomhlangano wokukhetha umengameli.
Ngesikhathi i-ANC ikhipha isimemo sikahulumeni wobumbano, yakubeka ngokusobala ukuthi izandla ziyohlezi zivuliwe kwamanye amaqembu afuna ukujoyina.
Muva nje kuvele izindaba zokujoyina kwePA ebeke umbandela wokuthi ifuna ukunikezwa uMnyango wezaseKhaya noma uMnyango wezamaPhoyisa uma ijoyina.
Usihlalo woMkhandlu weDA, uNkk Hellen Zille, uthe bafuna ukwazi ukuthi iPA ivunyelwe kanjani ukuthi ijoyine uhulumeni wobumbano kungakhulunyiwe nabo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabakwaSABC.
“Isigaba 17 sesivumelwano sikahulumeni wobumbano sikubeka ngokusobala ukuthi nakuba umengameli enegunya lokuqoka ongqongqoshe, kufanele abonisane nabaholi bamaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana.
“I-ANC kufanele yazi ukuthi ayikwazi ukuzithathela izinqumo, kufanele baxoxe nathi. Kufanele bengakhohlwa ukuthi abazange balunqobe ukhetho. I-ANC ayikwazi ukuvele nje izifakele noma ubani.”
USotswebhu we-ANC ePhalamende, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe izingxoxo ngohulumeni wobumbano azikaphothulwa, wathi lokho kusho ukuthi wonke amaqembu afuna ukujoyina asavumelekile.
“Asikwazi ukuvala umnyango ekubeni singakaqedi ukuqoka abazongena ezikhundleni ePhalamende.”
USotswebhu weDA ePhalamende, uNksz Siviwe Gwarube, uthe impikiswano ngokujoyina kwePA ayisho ukuthi uzohlakazeka uhulumeni wobumbano.
“Singene kuhulumeni wobumbano sazi ukuthi ngeke sihlezi sivumelana ngakho konke.”
IDA nePA abanabo ubudlelwano obuhle, ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho iPA yayifuna ukuthi iDA ithole ngaphansi kuka-50% eWestern Cape.
Unobhala wePA, uNksz Chinelle Stevens, uthe ngeke bavume ukuphathwa uNkk Zille.
“UNkk Zille kufanele azi ukuthi incwadi yokujoyina uhulumeni wobumbano sayisayina ngosuku olulodwa nabo, ngakho ke sasingekho isidingo sokuthi i-ANC ixoxe nabo. I-ANC ayikwazi ukutshelwa iDA ukuthi kufanele imeme maphi amaqembu kuhulumeni wokubambisana. Uma i-ANC ingavuma ukulawulwa iDA, lokho kungakha isithombe sokuthi uNkk Zille ubabambe lapho bebancane ngakhona.”
Khonamanjalo, ayanda amaqembu ajoyina uhulumeni wobumbano.
IPAC iyiqembu lakamumva elimemezele ukuthi lizokuba ingxenye kahulumeni wobumbano.
Lokhu ikusho esitatimendeni esikhishwe emva komhlangano wesigungu esiphezulu.
Unobhala jikelele wePAC, uMnuz Apa Pooe, uthe banqume ukujoyina uhulumeni wobumbano ukuze benze isiqiniseko sokuthi uhulumeni usebenza ngendlela.