USEQALE izingxoxo nabaholi abehlukene bamaqembu ezepolitiki kanjalo ne-Judicial Service Commission, uMengameli Cyril Ramaphosa, mayelana nozojutshelwa kwesephini likamengameli wamajaji kuleli.
Lesi sikhundla savuleka emva kokuba owayesiphethe, uJaji Mandisa Maya ajutshelwa kwesikauengameli wamaJaji. Washiya lesi sikhundla ngoSepthemba 1, 2024.
Okhulumela uRamaphosa uMnuz Vincent Magwenya, uthe umengameli uqoka iphini likamengameli wamajaji, emuva kokuxoxa ne-JSC kanjalo nabaholi bamaqembu ahlukene.
Uthe uRamaphosa ubhalele uJaji Maya, ongusihlalo weJSC, efuna umbono wakhe.
"Bane abaphakanyiselwe kulesi sikhundla, umengameli afuna umbono ngabo ukuze kuqokwe oyedwa ozongena kulesi sikhundla. Lokhu ukwenza ngokuhlanganyela nezinhlaka ezehlukene," usho kanje.
Abakaphanyisiwe oJaji Dunstan Mlambo, Mahube Molemela, Cagney John Musi, noLazarus Pule Tlaletsi.
UMagwenya uthe libaluleke kakhulu iqhaza elidlalwa yiphini likamengameli wamajaji kwezobulungiswa kuleli.
"Nguyena muntu oqinisekisa ukuthi ezobulungiswa ziyahlonishwa, umthetho uyalandelwa kanjalo nokuthi ikhona inkululeko kuMthethosisekelo."
Uthe abaholi bamaqembu uRamaphosa axoxa nabo amelwe ePhalamende lakuleli.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwaqopheka umlando ngesikhathi uJaji Maya ephakanyiselwa esikhundleni sokuba ngumengameli wamajaji, njengoba wayengakaze abekhona owesifazane.
Lesi sinyathelo sanconywa kakhulu emkhankasweni wezwe wokufukula abesifazane emkhakheni ehlukene yakuleli.
Abesifazane bamelwe ngo-48% kwezobulungiswa kuleli okusho ukuthi ezimantshini nasemajajini angu-252 akhona kuleli, angu-121 abesifazane. Zingu-15 izinkantolo eziphethwe abesifazane kuleli.
Ngaphambi kuka-1994, akekho owesifazane omnyama owayeyijaji kuleli kanti emajajini angu-150 ngalesi sikhathi amabili awo kwakungabesifazane.