KUQALE ngegiya eliphansi ukufunda kwezinye izikole KwaZulu-Natal, ngenxa yezinselelo zokungabikhona kwezincwadi zokufunda kanjalo namanzi.
Lezi zikole ezizithengela izincwadi zibhekene nenkinga yokuthi kusadingeka zilinde kuze kufike iizincwadi ngenxa yokuthi uMnyango wezeMfundo esifundazweni awuyifakile imali yazo ozikweleta kusuka nyakenye.
UNobhala we-Sadtu esifundazweni, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe ezikoleni ezizithengela izincwadi kuqale ngegiya eliphansi ukufunda njengoba labo abazozithenga, bebesahlwaya imali ukuze bazithenge ngoba umnyango awuayifakanga imali.
Uthe le mali yezikole eyangonyaka odlule kanti umnyango wagcina ukhokhele izikole izikhawu ezimbili kuphela ekubeni kwakumele ukhokhe izikhawu ezingu-8, wase ubika izinkinga zemali.
“Kwezinye ezithengelwa nguhulumeni izincwadi zikhona, ukufunda kuyaqhubeka. Cishe uzinzo kahle sizolubona ngesonto elizayo esifundazweni. Othisha banelukuluku lokufundisa okuyinto esibagqugquzela ukuthi bayenze noma kunezinkinga bayaqhubeka bayibambe ishisa,” kusho uNksz Caluza.
Uthe bayaqhubeka nokuthola imibiko yezinto ezibe yizinselelo ezikoleni.
UMphathiswa wezeMfundo esifundazweni uMnuz Sipho Hlomuka nenhloko yomnyango uMnuz Nathi Ngcobo, bavakashele izikole eGroutville izolo beyohlola isimo njengoba bekuvulwa izikole.
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, uthe noma kungekho ukuphazamiseka okubikiwe okwenze kwangafundwa, kodwa kunezifundazwe ezisabhekene nezinselelo.
Ubale iKZN wathi ngesinye sezifundazwe ezinezinselelo zesabelomali.
“Njengoba ngise-Eastern Cape lapho ngihlola khona ukuthi izikole zivulwe kanjani, uMqondisi jikelele uMnuz Mweli (Mathanzima), uyangibikela ngezinselelo ezikhona ezifundazweni ezehlukene. Indaba yemali iseyinkinga eKZN,” kusho uNksz Gwarube.
Uthe njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ezothula inkulumo ebhekiswe esizweni ngenyanga ezayo, ufisa ukuthi uhulumeni abeke eqhulwini indaba yokuxhasa ezemfundo.
“Sidinga imali siwumnyango ngoba izinkinga eziningi esibhekene nazo zithinta imali. Sethemba ukuthi uMengameli uzoyithinta eyokuxhasa ezemfundo, ngoba sesikhalile kuyena ngale nkinga,” kusho uNksz Gwarube.
Uthe bafuna nokuphucula imfundo kwaGrade R.
“Sizogxila kwaGrade R ngoba yilapho sifuna ukuphucula khona izinto. Ukuze abafundi bethu benze kahle emabangeni aphezulu, kubalulekile ukuthi siqinise kwaGrade R,” kusho uNksz Gwarube.
Amaqembu ahlukene okubalwa i-ANC, IFP namanye afisele abafundi okuhle kodwa njengoba kuvulwe izikole.
I-IFP ithe kunesidingo sokuthi kwandiswe isibalo sothisha, kulungiswe inkinga yokugcwala kakhulu emakilasini ukuze abafundi bathole imfundo esezingeni.