ZILOKHO ziqhubekile nokwenyuka izindleko zokudla kanti ucwaningo lwakamuva lwePietermaritzburg Economic Justice & Diginity (PMBEJD) luveza ukuthi igilosa yenyanga isibiza uR4 051,20.
Lokhu kusho ukuthi ukudla kunyuke ngo-R194.86 kusukela ngoSepthemba wonyaka odlule kuze kube manje. UMnuz Mervyn Abrahams wePMBEJD, uveze ukuthi ucwaningo lwabo lwenziwe kumasuphamakethe awu-44 namabhusha awu-30 eGauteng, KwaZulu-Natal, Western Cape naseNorthern Cape.
Wathi ukudla kuthe ukwehla ngoDisemba kancane kodwa sekubuye kwanyuka manje ikakhulukazi lokho okudliwa njalo. Impuphu uthe inyuke ngo-15%, ilayisi ngo-3%, uflawa ngo-3%, ushukela omhlophe ngo-5%, ubhontshisi ngo-33%, amafutha ngo-4%, istambu ngo-7%, amazambane ngo-4%, u-anyanisi ngo-4% bese kuthi isinkwa esimhlophe nesinsundu nazo sinyuke ngo-4%.
“Noma ngabe ukudla kubiza kangakanani lokho okudliwa nyangazonke kufanele kuthengwe. Okusho ukuthi abantu abanayo imali yokuthenga ukudla okunamaprotein nezinye izakha mzimba. Abakwazi ukuthenga amaqanda, ubisi, inyama, ufishi namaveji ahlukene. Igilosa yomndeni omkhulu isidlula iNational Minimum Wage ewuR3 321.60 kwazise isibiza uR4 051,20,” kusho u-Abrahams.
Ucele uhulumeni ukuthi afake imali ethe xaxa kwizibonelelo ezihlukene kusukela kwesezingane, esezintandane, impesheni nesabakhubazekile ngoba yizona ezisiza abantu ukuthi baphile kangconywama.
“Uhulumeni ubasizile abantu ngokufaka imali ethe xaxa kwizibonelelo zabo emuva kokuqubuka kweCovid-19. Njengoba sesibuyele kwimali ejwayelekile abantu abasenayo imali yokuthenga ukudla. Isimo sinzima ngisho kubantu abasebenzayo ngoba abanayo imali abayibekile. Abanye baphelelwe wumsebenzi, abanye bancishiselwe amahora okusebenza. Kunzima ngoba intengo yokudla inyukile, ekagesi kanjalo nemali yokugibela,” kusho u-Abrahams.
Uveze ukuthi imindeni esindile ngeyabesifazane abadlala izitokofela ngoba bebeqhubeka nokukhokha nyangazonke yize isimo besinzima. Eminye imindeni ibisebenzisa imali yeqolo eyengeziwe ukwenza ezinye izidingo.
U-Abrahams ukhale ngokuthi ukudla kwesitokofela kuhlala kuze kube wuMashi noma u-Ephreli emndenini omkhulu, ngakho imindeni ingase izithole isilambile uma uhulumeni engayilekeleli. Uphethe ngokuthi abesifazane yibona abazinikela kakhulu ukuze imindeni yabo ilale idlile.
“Abesifazane basitshela ukuthi bazama ngezindlela ezihlukene ukuqinisekisa ukuthi imindeni ilala idlile. Abanye bathe badla kancane ukuze izingane zizoba nokudla okwanele. Abanye baboleka imali abagcina bengayikhokhi. Abanye bakha ubudlelwano obuzobasiza ngezindlela ezithile kanti abanye badayisa izinto ezihlukene ukuze bakwazi ukuphila,” kuchaza u-Abrahams.