INHLANGANO elwa nokukwabanisa kuleli, iSouth African Fraud Prevention Services (SAFPS), isiveze ukuthi kunobugebengu obudla lubi bokushushumbisa imali kusetshenziswa imininingwane yabantu bengazi.
Kuthiwa lobu bugebengu bunyukile kule minyaka emithathu edlule, lapho abantu bentshontsha imininingwane yabanye bese beyisebenzisa njengeyabo.
Laba bantu kuthiwa bavula ama-akhawunti bese kuthunyelwa imali kubona ukuze bayidlulisele kwabanye, bahlomule ngokukhokhelwa ingxenye ethile yemali.
“Kuyasikhathaza ukuthi abakhwabanisi bahlale beza nezindlela ezintsha zokwenza ubugebengu. Baze bantshontshe imininingwane yabantu ukuze bazoshushumbisa kahle imali kuma-akhawunti abantu,” kusho isikhulu se-SAFPS, uMnuz Manie van Schalkwyk.
Uthe ubugebengu bokushushumbisa imali ngama-akhawunti abantu obubizwa nge-money muling bunyuke ngo-62%.
Uveze ukuthi lobu bugebengu abuthinti ukwebiwa kwemininingwane yomuntu kodwa benziwa ngisho yizihlobo ezifike zicele ukuthumela isamba semali kwi-akhawunti yelungu lomndeni bese zicela ukuthi ayidlulisele kuma-akhawunti athile.
Kuyenzeka ukuthi abasuke bedlulisa imali bazitshele ukuthi bayasiza kanti basuke sebezifaka ebugebengwini bengahlosile.
UVan Schalkwyk uthe kuyinkinga ukuthumela imali kuma-akhawunti abanye abantu ngoba amabhange angamvalela i-akhawunti umuntu ajeziswe ngokuthi angabi negunya lokuvula ama-akhawunti amasha iminyaka ewu-10.
Uveze ukuthi ubugebengu bokushushumbisa imali kuma-akhawunti bebumi ku-43% ngonyaka odlule, njengoba bunyuke bafinyelela ku-62% kulo nyaka.
Ubugebengu obudla lubi besibili; ngobokwebiwa kwemininingwane yabanye ukuze izigebegu zizenze bona.
Imininingwane eminingi yabantu yebiwa kuma-email njengoba izigameko eziwu-219 million kuleli, zibikwe ngabathola ukuthi imininingwane yabo ithathwe emuva kokuthi bengene kuma-email.
Obunye ubugebengu obudla lubi; obuthathelwa amalayisensi bese izigebengu zizenza othile ukuze zikwazi ukudala izikweletu ngemininingwane yakhe.
UVan Schalkwyk uveze ukuthi iGauteng iyona ehamba phambili ngokukhwabanisa, kulandele iKwaZulu-Natal, bese kugcina iWestern Cape.
Ucele abantu ukuthi bangafaki yonke imininingwane yabo ezinkundleni zokuxhumana futhi bangangeni kuma-link abangawazi athunyelwa kuma-email nakwezinye izinkundla zokuxhumana.
Abafisa ukuvikeleka okuthe xaxa, bangavakashela iSAFPS ngokungena kwi-website yayo ethi www.safps.org.za.