ZIFISA ukubona uguquko ezintweni ezehlukene ezithinta impilo yabantu, ezinye izaguga ezivote ngokuyisipesheli.
Njengoba ukuvota okuyisipesheli kuqale ngoMsombuluko, kuhlukene imibono kubantu abadala abebevota ngegxathu eselihanjiwe ukuphucula impilo yabantu, abanye bathi usemkhulu umsebenzi okusamele ukuthi wenziwe, abanye bathi ukhona umehluko abawubonayo.
UMnuz Adalbero Makhoba (73) waseTshelimnyama ngasePinetown, uthe selokhu aqala ukuvota ngo-1994 kanti alukho ukhetho olumphuthayo.
“Ngiyavota ngoba ngiyazi ukuthi kwakunzima kudala. Uhulumeni usekwazile ukusikhulula ukuba sihlale lapho sithanda khona, sithenge ezitolo ndawonye nabelungu ngoba kudala sasivela ewindini bona bangene ezitolo bekhululekile. Njengamanje ngihleli endlini yomxhaso engayakhelwa wuhulumeni. Kunemigwaqo enetiyela eyenziwa wuhulumeni esimnika amandla ngevoti lethu. Abantu abavote ukuze bakhululeke,” kusho uMakhoba.
Uthe ufisa ivoti lenhlangano yakhe (ANC) lisize ukudala amathuba omsebenzi entsheni ehleli emakhaya namajazi ayo emfundo.
“Kufanele uhulumeni ayibhekisise nendaba yokuthi abantu abaneminyaka ewu-40 abasaqashwa ngoba nabo bahleli emakhaya. Uma ethi ugcina ukuqasha abaneminyaka ewu-35 uthi laba abanewu-40 abashonephi ngoba nabo basenawo amandla okusebenza?” kubuza uMakhoba.
Ubuye wacela uhulumeni ukuthi amunwebele indlu yakhe yomxhaso ukuze okungenani ibe namakamelo amabili.
Ubalule ukuthi uma evakashelwe ngabazukulu bakhe kuba nzima ngoba inekamelo elilodwa kuyaphoqeleka ukuthi balale egumbini lokuphumula.
Utshele Isolezwe ukuthi uzovotela ekhaya ngenxa yokuthi washaywa yisifo sohlangothi ngakho akakwazi ukuhamba kahle.
Uthe usehlala yedwa ngoba nenkosikazi yakhe yashona ngo-2021.
UMnuz Piet Ntshangase (66) ongowokudabuka kuMasipala waseMkhanyakude ohlala emijondolo eseCato Crest, eMayville uthe yevile kwengu-15 iminyaka aseyihlale emjondolo wakhe, wahlala kuwo esabamba itoho elimphelele ngo-2015.
“Ngiqale ukuvota ngo-1994 kodwa muncane kakhulu umehluko nje empilweni yami engisawubonile. Angisenalo ithemba lokuthi kukhona okungcono okuyoke kwenzeke, sekuwukwenza nje angisalindele lutho. Engikufisayo ukuthi siholwe uhulumeni ozosisiza asikhiphe emjondolo siphile kahle,” usho kanje.
UNksz Koto Lukhozi (81) ongowokudabuka eMkhomazi naye osehlale isikhathi eside kule mijondolo, uthe awukho umehluko asewubonile.
“Ngiyafisa ukuthi sitholelwe indawo engcono. Iyona nto engifuna ukuyibona ngaleli voti kodwa nje awukho okwamanje umehluko engisawubonile. Uma kuna imvula isimo siba nzima kakhulu, kumele sime ngezinyawo, umjondolo unetha,” kusho uNksz Lukhozi.
Lezi zaguga zigqugquzele abantu ukuthi bavote bakhethe uhulumeni ozoletha intuthuko