Iyobanjwa esithele nayo:
Uma kuphuma inqina( ibutho elihamba lizingela) kwakusuke kuxubene amadoda nabafana bemizi ehlukene endaweni, nalowo uza nezinja zakubo. Uma kuhanjwa ehlathini bese kuvuka inyamazane ihujwe yizinja zize ziyosithela nayo ngale kwentaba, kuzoba nzima kubazingeli ukwazi ukuthi iyiphi inja ebambe inyamazane.
Uma inja yakho kuyiyona ebambe inyamazane kuba wubuqhawe ushayelwe ihlombe. Uma kungaziwa ukuthi ibanjwe yiyiphi inja kungase kusuke impikiswano kuxatshanwe. Indlela elula wukuthi inja okuyiyona esithele nenyamazane iyixine eduze yiyona okuyothathwa ngokuthi iyibambile.
Ukukhuluma okuphelele kuthi inyamazane iyobanjwa yinja esithele nayo kodwa sekuyanqanyulelwa kuthiwe iyobanjwa esithele nayo. Kusuke kushiwo isimo esingaziwa ukuthi siyophetha kanjani bese kuthiwa akwaziwa iyobanjwa esithele nayo.
Umvunisi ubuya nengqobe:
Uma kutshalwe ubhatata kushaya isikhathi sokuthi kuvunwe bese kuthi lo ovunayo abize isihlobo noma umakhelwane azomlekelela. Lo obiziwe ukuzolekelela ubizwa ngomvunisi ngoba uvunisa umnikazi wensimu. Ngesikhathi kuvunwa, umnikazi wensimu uzokhipha ubhatata omuhle nomkhulu kube ngowakhe. Ubhatata omncane osalayo ubuzwa ngengqobe, uvame ukuthathwa wumvunisi.
Uma kuthiwa umvunisi ubuya nengqobe kusho ukuthi uma uvame ukuzihlanganisa nabantu benza izinto ezimbi uyangena nawe enkingeni.