Ukuzulelwa amanqe:
Amanqe yizinyoni ezidla okufile okungaba yisilwane noma wumuntu uma kwenzekile wadindiliza esigangeni wanganakwa wumuntu. Lezi zinyoni ziqale zibonakale zizula lapho okukhona khona okufile.
Bekubonakala ngazo uma kukhona isidumbu sento ethile bese kuyalandelwa. Bekwenzeka kudala umuntu asale empini noma afe ngendlela ethile egcine edliwa amanqe esigangeni.
Uma umuntu kukhona okubi okuzomehlela kuyaye kuthiwe uzulelwa amanqe ngoba kususelwa lapho ekutheni angase afe adliwe amanqe.
Kuzalele ihlokohloko:
Ihlokohloko wuhlobo oluthile lwenyoni ethanda ukuthi yakhe isidleke ezindaweni ezibucayi. Amahlokohloko avame ukwakha izidleke zawo ndawonye abe maningi. Uma esehlangene abanga umsindo ongazibeki kuchwaze ngoba asuke ekhala kanye kanye.
Uma kunomsindo kuyaye kuthiwe kuzalele ihlokohloko kuleyo ndawo ngoba labo abasuke bebanga umsindo njengawo amahlokohloko.
Olunye ulwazi lucashunwe encwadini ka-Emmanuel Phumani Zondi ethi Siphuza Emithonjeni Yokhokho.