UMASIPALA waseMhlathuze uthi iyaqhubeka imizamo yokubhula umlilo oqale ngoMgqibelo ntambama.
Kuthiwa lo mlilo uqale enkampanini iNCT esebenza ngezingodo. Umphathi omkhulu wale nkampani, uMnuz Danny Knoesen, uthe umlilo uqale emini ngoMgqibelo, bazama ukuthola usizo lwabezicishamlilo futhi baphuma ngobuningi babo.
“Sizamile ukuthola usizo lwezicishamlilo ukubhula umlilo yize bekunomoya omncane. Inkinga iqale sekunomoya onamandla obhebhethekise lo mlilo wahamba ibanga elingalawuleki ebusuku.
Uthi kuzanyiwe ukubhula yize bekusebusuku kwaze kwanqamuka ugesi okwenze kwanzima kakhulu futhi kwabaphoqa ukuthi bamise ukuwubhula.
Uthi njengamanje abakwazi ukuqagela ukuthi umonakalo ubalelwa ezigidini.
IMeya yaseMhlathuze, uKhansela Xolani Ngwezi, income ukubambisana kwezinhlaka ezahlukene zabezimo eziphuthumayo ngemizamo yokubhula amalangabi.
Izinkampani ezifana neMondi Fire Services, Transnet Fire Services, South 32, RBM, nezinye ezisebenza ngokuzimele, zisukumele phezulu ukuzama ukubhula amalangabi ukuze angabhebhetheki endaweni ehlala abantu.
“Sidlulisa ukubonga ngokuzinikela nokubambisana kwabo bonke ababambe iqhaza ngisho nezinhlaka eziqapha umphakathi ukulekelela abezicishamlilo.
“Sinxusa amalungu omphakathi ukuba uhlale emakhaya kodwa asiqaphe ngelokhozi lesi simo futhi abike uma ebona kuqala umlilo,” kusho uNgwezi.