ASIKHO isilwane sasendle esihlala esiqiwini esingadliwa, into evimba ukuthi abantu ukuthi badle inyama yezinye izilwane yizinkolelo zabo.
Lokhu kushiwo uMnuz Msizo Myaka osekomitini elikhulumela umphakathi owakhele isiqiwi iHluhluwe iMfolozi Park wasoKhukho, oLundi.
Usho kanjena nje, bekunemibono eyehlukene ezinkundleni zezokuxhumana mayelana nenyama yendlulamithi njengoba uphiko lokongiwa kwemvelo, Ezemvelo KZN Wildlife lunikele ngezinyamazane emndenini woMntwana waKwaPhindangene, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, kuzo ebekukhona nezindlulamithi, ukuze zihlinzwe zidliwe emngcwabeni.
"Thina esihlala eduze kwasesiqiwini siyazidla izilwane eziningi ezitholakala khona. Uma ngingakwenzela isibonelo nje, thina sake sadla indlovu, ibhubesi nezinye izilwane abantu abacabanga ukuthi kazidliwa. Indlulamithi iyefana nezinye izinyamazane, iyadliwa.
“Into eyenza ukuthi abanye bangabi nalo ulwazi lokuthi iyadliwa ukuthi iyisilwane esingahluphi, esingavamile ukutholakala seqe esiqiwini. Indlulamithi ingesinye sezilwane ezimbalwa emhlabeni ezivikelwayo njengemikhombe nobhejane, ngakho akulula ukuthi itholakale," kusho yena.
Uthe ezinye izinto ezivimba abantu ukuthi badle izilwane ezithile kuba izinkolelo zabo.
"Kwezinye izindawo inyama yenkawu iyadliwa, ize ibizwe ngomnandi epholile kodwa ngapha abantu bakhona abayidli. Ngapha kuye kuthiwe uma kudliwa inyama yebhubesi kumele nikhulume nisho ukuthi nilidla ngoba nalo lidla izinkomo zethu. Insimba kuthiwa kumele uma niyidla kumele nivale emnyango, angisazi isizathu sokuthi kwenziwe njalo," kusho yena.
AbezeMvelo KZN Wildlife bathe ngeke baphawule okwamanje ngalolu daba.
UChef Zandi Makhoba uthe indlulamithi iyinyamazane, inyama yayo isezingeni elifanayo nempala, ikudu, inkonkoni nensephe.
“Le nyama idliwa ngabantu abathanda inyama yezilwane zendle kodwa ayitholakali emabhusha, itholakala ezindaweni ezinezimvume zokuyidayisa kuphela. Ama-restaurant akuvamile ukuthi ayenze isidlo ngoba kuleli iyisilwane esivikelekile okungamele sihlale sihlatshwa ngoba sisengcupheni yokuphela. Uma kwenzekile yaba khona kuye kuthiwe isiphesheli seChef,” kusho uChef Zandi.
Uthe ungayidla ibe isiteki noma istir fry.
UMafika Mka-Lu Dubazana kwiFacebook, uthe: “Impala ngiyazi ukuthi iyadliwa ave imnandi kodwa okwendlulamithi ngiyakuqabuka.
USandile Keryzer Mbovu uthe: “Ngike ngahlala esigodlweni eNyokeni ngokwenye yama-projekthi, indlulamithi iyona nyama yekhethelo, ayidliwa inoma ngubani. Itholakala ebukhosini kuphela, ave imnandi. Lezo zinyama ziyiswa phesheya thina siyancishwa”