INKULU indaba nge-peanut butter njengoba isitolo esithathwa njengesomtakabani, iWoolworths, sicele abantu ukuba babuyisele emuva u-ice cream othakwe nge-peanut butter.
Lo ice cream wakhona e-Woolworths kuthiwa nawo utholwe unegciwane le-aflatoxin eliphezulu.
Abase-Woolworths bathe yilo ice cream kuphela obuyiselwa emuva.
Babuye behlisa amaphaphu kubathengi ngokuthi i-peanut butter yabo ihloliwe, abukho ubungozi kuyona.
Kuzokhumbuleka ukuthi nezinye izitolo okubalwa i-Pick n Pay neDischem, zicele abantu ukuba babuyisele emuva izinhlobo ezihlukene ze-peanut butter nazo ezazine aflatoxin ephezulu.
Khonamanjalo: Inkampani ekhiqiza i-peanut butter, iThokoman Foods ithe imikhiqizo yayo iphephile ukuthi idliwe ngabantu.
Ithe ayihlangene nokubuyiselwa emuva kwe-peanut butter okuqhutshwa ezinye izitolo.
IThokoman Foods ikhiqiza i-peanut butter edayiswa kuleli nakwamanye amazwe ase-Afrika eseningizimu nase-Middle East.
Ama-peanut butter ayo abizwa ngeThokoman, Goodylife neGoody Brand.
Ithe imikhiqizo yayo ilandela uhlelo lokuhlolwa olunzulu, ukuqinisekisa ukuthi iphephile ngaso sonke isikhathi.
UKhomishana wenhlangano yabathengi kuleli, iNational Consumer Commission, uNksz Thezi Mabuza, udonse ngendlebe abakhiqiza ukudla ukuba balandele imigomo efanele yezokuphepha ukuze abantu bathole imikhiqizo esezingeni.